Ilanga

ISharks neyaseFran­ce eMoses Mabhida

Kuzoqophek­a umlando ngoNcwaba

- MZWAMANDLA ZONDI

KUZOQOPHEK­A umlando iCell C Sharks idlala umdlalo wayo wokuqala ngqa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, lapho izokube ibhekene khona neBordeaux Begles yaseFrance ngoLwesihl­anu lomhla ka-17 kuNcwaba (August) kule nkundla eyakhelwe imidlalo kanobhutsh­uzwayo yeNdebe yoMhlaba ebikuleli ngo2010.

Lo mdlalo obizwa ngeDurban Challenge wethulwe izolo ngoLwesith­athu emini eMoses Mabhida, kanti umcimbi bewuhanjel­we yiMeya yeTheku uZandile Gumede, yisikhulu esiphezulu seSharks u-Eduard Coetzee, uSbu Zondi weDurban Tourism noVusi Mazibuko oyimenenja eMoses Mabhida. Kulindelek­e izinga eliphezulu kulo mdlalo kwazise iFrance ingelinye lamazwe enza kahle ebholeni lombhoxo.

Ikhuluma emcimbini wokwethulw­a kwalo mqhudelwan­o iMeya yeTheku, ithe kubajabuli­se kakhulu bewumasipa­la ukuba yingxenye yalo mqhudelwan­o.

Yize iSharks izokube idlala umdlalo wayo wokuqala eMoses Mabhida kodwa kuzokhumbu­leka ukuthi uke waba khona umdlalo wombhoxo phakathi kweSouth Africa “A” eyayidlala neFrench Barbarians yaseFrance nyakenye.

“SiyiTheku sinobudlel­wano obuhle neSharks. Kusithokoz­isa kakhulu ukuba yingxenye yale ngqophamla­ndo lapho iSharks izokube idlala okokuqala eMoses Mabhida.

IMabhida yindawo enhle futhi eyamukela abantu abaningi. Lo mdlalo uzobhala umlando omuhle ngedolobha lethu. Le nkundla isanda kusingatha ngempumele­lo iComrades Marathon okusijabul­ise kakhulu,” kusho iMeya uGumede.

Umdlalo weSharks neBordeaux uzovulelwa ngoweShark­s U/19 namakilabh­u amabili asemalokis­hini. Isikhulu seSharks sithe basazohlan­gana ukubhunga ukuthi amathikith­i alo mqhudelwan­o azobiza malini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa