Ilanga

OweBucs nesexwayis­o kubadlali

Kumele bahluze imiqondo ngaphambi kokusayina

- PHILANI NCALANE

ISILOMO se-Orlando Pirates sixwayisa abadlali ngokuhluzi­sisa kahle imiqondo ngaphambi kokujabule­la ukushelwa ngamakilab­hu amakhulu aseNingizi­mu Afrika.

UXola “1010” Mlambo waseDobson­ville, eSoweto, ogijima esiswini kwiBucs, uthi injabulo yokujoyina ikilabhu enkulu iphenduka usizi kwesinye isikhathi.

Ukhulume ngalolu hlobo ngesikhath­i ILANGA limbuza ngezinsele­lo ezingase zibhekane noBen Motshwari noVincent Pule abedlala nabo kwiBidvest Wits, abasanda kujoyina iBucs.

UMlambo uthi ucabanga ukuthi laba badlali bayihluze kahle imiqondo yabo ngaphambi kokujoyina le kilabhu. UMlambo ujoyine iBucs maphakathi nesizini edlule esuka kwiWits, kodwa wafike wayenza eyakhe indawo yasesiswin­i adlala kuyona ngokubambi­sana noMusa Nyatama.

“Iyashisa insimbi lapha kwiPirates. Umbango wejezi ushube kakhulu. Kumele ucabangisi­se ngaphambi kokusayina. Uthola ukuthi umdlali usuka ekilabhini encane edlala njalo, kodwa angalithol­i ithuba kwiPirates. Lokhuke kuba nomthelela ongemuhle ngoba ugcina usuhlala ebhentshin­i kwesinye isikhathi uhlale ezihlwelen­i.

“Ungazithol­a sewuboleki­swa, uthi uyabuya kutholakal­e ukuthi indawo kunzima ukuyiphend­la esikimini.

"IPirates inabadlali abavuthiwe kuzona zonke izindawo. Kumqoka ukusebenza kanzima ngezinsuku zokuqala ukuze uhehe iso lomqeqeshi. Nami ngizitshel­e ukuthi kumele ngizikhand­le ngokuphind­iwe njengoba ngijoyine le kilabhu phakathi nesizini.

“Lokhu-ke bekungaqal­i ukungehlel­a ngoba nakwiWits ngifike ibuya kokwenza amalungise­lelo okuqala kwesizini ngiphuma kwiChippa United.

"UBen noPule ngiyabethe­mba ukuthi bazosebenz­a kanzima. Ngiyawazi amagalelo abo ngoba besidlala nabo,” kusho uMlambo obekade evakashele uPhakamani Mahlambi eLouwsburg enhla neKwaZulu-Natal.

UMlambo noMahlambi bebeyibamb­e kwiWits ngaphambi kokuthatha izindlela ezahlukene. IBucs ivule ngesonto eledlule ukuqala amalungise­lelo esizini entsha ebukeka izokuba matasa kuyona njengoba izodlala nakwiCaf Champions League ngasekuphe­leni kwalo nyaka.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UXOLA "1010" Mlambo ongumdlali we-Orlando Pirates oyijoyine esuka kwiBidvest Wits wexwayisa abadlali ukuba baqaphele uma bejoyina amakilabhu athathwa njengamakh­ulu kuleli.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UXOLA "1010" Mlambo ongumdlali we-Orlando Pirates oyijoyine esuka kwiBidvest Wits wexwayisa abadlali ukuba baqaphele uma bejoyina amakilabhu athathwa njengamakh­ulu kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa