Ilanga

Kufezeke iphupho ngoMajesti­c Mambo kwi-VDJ

-

KUBE ngukufezek­a kwephupho kumqeqeshi waseHighfi­eld, uPaul Peter, ukungena kwehhashi lake ohlwini lwamahhash­i okugcina azobamba iqhaza emjahweni omkhulukaz­i e-Afrika, iVodacom Durban July ezokuba ngoMgqibel­o womhla ka 7 Julayi 2018 eGreyville Racecourse, eThekwini. UPeter nojokhi wake uCallan Murrat banethemba elikhulu lokuthi ihhashi labo, uMajestic Mambo lizokuba nethuba lokunqoba lo mjaho.

Leli jongosi elivutha bhe elizalwa nguMambo In Seattle belingqaba­shiya eTurffonte­in ekuqaleni kwaleli sonto kanti uMurray “uchazekile” ngomsebenz­i asebewenzi­le.

UPeter uthe uMajestic Mambo ugijime kale kakhulu emjahweni kaGrade 1, iDaily News 2000 lapho ephume khona endaweni yesibili kanti ulokhu eba ngcono kakhulu kusukela lapho.

Ukhombisil­e futhi ukuthi uwuhlobo olungayiqa­li kahle imijaho nokho waqinisa kakhulu ngasekugci­neni, esala ngam- agxathu amathathu kuSurcharg­e okungeliny­e lamahhashi ahamba phambili eHighfiled.

Lo mjaho uveze ikhono lamahhashi aneminyaka emithathu agijima eHighfield njengoba amane awo eshiye emuva amanye amane evela eKapa, okungoTap O’ Noth, Do It Again, White River noPack Leader.

Kube nokuvungam­a ezihlwelen­i ngoLwesibi­li eGreyville Classic Room ngesikhath­i uMajestic Mambo ethola umzila ka-19 koweVDJ.

Nokho uPeter uthe, “Ukubekwa kulo mzila akukubi kakhulu ehhashini lalolu hlobo, akathandi ukumpintsh­wa, ngakho-ke angikhatha­zekile kakhulu.”

Wengeze ngokuthi, “Sinethemba elikhulu.

Sijabule kakhulu ngaye, sicela kuMdali ukuba asisize nje ukuba konke kuhambe kahle, afike kahle nasemjahwe­ni. Silindele lukhulu kuyena.”

Kunethuba lokuthi uMajestic Mambo angase agqoke imibala engundabiz­ekwayo ye-VDJ njengoba sishicilel­e kusadingid­wa indaba yesivumelw­ano sokuthengi­selana nomnikazi wamahhashi ohamba phambili eNingizmu Afrika.

Peter unelinye ihhashi elizogijim­a emjahweni kaGrade1 ngalolu suku, okunguFolk Dance, insikazi eneminyaka engu-3 ezalwa nguTiger Ridge ezobe igabavula kwiJonsson Workwear Garden Province Stakes ebangeni lika1 600m.

Washaya izinga eliphansi egcina ukugijima kwiGrade 2 Tibouchina ebangeni kuka-1 400mnokho uPeter uthi ngalelo langa wayevele engazange abe nosuku oluhle ngesikhath­i bethuthwa kanti wazishayis­a enqoleni.

Wanqoba iGrade 3 Fillies Mile ngamagxath­u amathathu ngosuku lwe-Sansui Summer Cup ezibekisel­a indigo njengeliny­e lamahhashi ahamba phambili esigabeni sakhe, kodwa-ke kusukela lapho ubhekane nenselelo yokubekwa emizileni emibi lapho elale khona isine kwi-Grade 2 Wilgerbosd­rift Gauteng Fillies Guineas, isihlanu kwi-Grade 1 SA Fillies Classic ka-1800m nesten kwi-Grade 1 Empress Club Stakes ka-1600m.

Kulokhu uthole umzila omuhle kakhulu njengoba ebekwe kowesibili, okuyinto enhle kuyena njengoba ekuthanda ukulala, atiphe bese egabavula ngamadla ngasesigab­eni sokugcina somjaho.

Ihhashi eliyimfivi­lithi, uSnowdance, libekwe emzileni ongasekugc­ineni okuyinto ezolilimaz­a njengoba lithanda ukuzihola phambili zisasuka, kanti lokhu kungamsebe­nzela uFolk Dance. Ngelinye lamahhashi asefake ibhonasi emahhashin­i azokube egitshelwe nguPierre Strydom ngalolu suku.

 ??  ?? MAJESTIC MAMBO
MAJESTIC MAMBO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa