KULINDELWE IZINDIMBANE EMBIZWENI KAZULU
Kuzokhunjulwa umhlaka 4 Julayi 1879
KULINDELEKE izindimbane zabantu embizweni yeSilo samaZulu, uZwelithini kaBhekuzulu, ezokuba senkundleni yezemidlalo, oNdini ngoLwesithathu.
Le mbizo imenyezelwe nguNdunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi. Kule mbizo kuzokhunjulwa umhla ka-4 kuNtulikazi (July) 1879, okuwusuku amaNgisi anqoba ngalo impi yawo noZulu, kwashiswa nesigodlo seSilo uCetshwayo kaMpande oNdini.
Okwalandela lapho kwaba wukuboshwa nokususwa phakathi kwabantu baso iSilo sayogcinwa enqabeni eCape Town.
Kamuva sakhululwa sabuyela KwaZulu umbuso usuhlakazwe ngamaNgisi. Le mbizo yeSilo iqondane nalolu suku ngesikhathi imimoya kwabaningi iphakeme ngenxa yodaba oluyilahle elishisayo lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, nombono wokuba kuhlakazwe iNgonyama Trust.
Iphakeme imimoya kwabangabanikazi bamapulazi abamhlophe kusukela i-African National Congress (ANC) yethule ePhalamende isiphakamiso sokuba lokhu kube yinto esemthethweni.
Nakuba lesi siphakamiso sithole amavoti amaningi kubalwa navela emaqenjini aphikisayo, nokho osekudale impikiswano eshubile ngale ndaba wukuthi kuthiwa lokhu makuqale ngezindawo ezingaphansi kwabaholi bendabuko.
Nakuba le mpikiswano igqame ngesiphakamiso sokuba kucinywe umthetho okwasungulwa ngawo iNgonyama Trust, kubukeka sengathi phakathi kwezinye izinto ezizobikelwa ubuholi bomdabu nomphakathi wukucacisa ukuthi isiphakamiso sokudliwa komhlaba sizithinta zonke izifundazwe ezindaweni okuphethe kuzona amakhosi.
Lokhu kuvela kahle enkulumeni eyethulwe eNdlini yabaHoli be- Ndabuko yiNkosi Mangosuthu Buthelezi, eyilungu lePhalamende.
Okuphawulekayo ngale nkulumo yeNkosi Buthelezi wukuthi ibixwayisa hhayi nje amakhosi aKwaZulu kuphela kepha nalawo avela kuzo zonke izifundazwe.
Umongo waleyo nkulumo wukucacisa ngokusobala ukuthi vele i-ANC sekukudala kwaba yisifiso nombono wayo ukuba buqedwe ubuholi bendabuko. Lawa ngamanye amaphuzu ashiwo yiNkosi Buthelezi kule nkulumo:
UMnu Kgalema Motlanthe - obehola ithimba ebelicubungula indaba yomhlaba - uthi abaholi bomdabu bangozwilabo, baphethe kabi ezindaweni zasemakhaya.
Iqhubeka ithi kusobala ukuthi lokhu kwabe kuwukuphahluka okusukela embonweni osekukudala i-ANC yaba nawo njengoba kungazange kube khona noyedwa kuleli qembu owamphikisa kulokho;
Engqungqutheleni yenqubo- mgomo ye-ANC ebingoNtulikazi ka-2017, kuphawulekile ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal ibisebenzela ukuqedwa kweNgonyama Trust, okuyisigungu esiphethe umhlaba weNgonyama;
Ngethuba lemibuzo yesekelamengameli ePhalamende (uMnu David Mabuza) mhla ka-29 kuNhlaba (May) 2018, lapho libuzwa ngenkulumo kaMnu Motlanthe, kalikwazanga ukuphendula kodwa livele lathi umthethosivivinywa owuhlaka usukhona ukuze kususwe umhlaba ophethwe ngabaholi bomdabu osekuyizizukulwane ngezizukulwane behola abantu abahlala kuwona;
Kancane kancane abaholi bomdabu phansi kukahulumeni we-ANC baphuciwe amandla njengoba nasemikhandlwini yomasipala imibono yabo kayidingidwa futhi kabanalo ilungelo lokuvota, manje sekulandela ukuthathwa komhlaba nakufanise nesipikili sokugcina ebhokisini lokungcwaba ubuholi bomdabu.
Kule nkulumo iNkosi Buthelezi icele abaholi bomdabu ukuba babikele imiphakathi abaphuma kuyona ukuze abantu bazi ukuthi kwenzekani.
Iqhubeka ithi uma kungakhulumi wona amakhosi, abekho abazowakhulumela ebantwini futhi uMnu Motlanthe uthi abantu beseka i-ANC.
Uphetha ngokuthembisa ukuthi uzoqhubeka nokulwela abaholi bomdabu nemiphakathi yabo okuwumsebenzi wempilo yakhe yonke.