Ilanga

Ushaye isidudla, wazidubula wafa

Ubexabene nozakwabo

- THANDEKA NGOBESE

KUSUKE isidumo izolo ngeSonto ekuseni kwa-V, eMlazi emarobhoth­ini odumo ngesikhath­i owesilisa ehamba edubula, evimba izimoto, maqede wazisakaza ngenhlamvu ekhanda waphelela khona lapho.

Kusolwa ukuthi kube nengxabano phakathi kwalona wesilisa onguSdu Sitole - odabuka eMozambiqu­e - nozakwabo abesebenza naye, okuyiyona okuthiwa iholele ekubeni agcine egile lo mhlola oshiye abantu abebekule ndawo bethukile.

Izimoto bezihlehla amarobhoth­i evuliwe, abashayeli bebalekela ukuthi hleze badliwe yinhlamvu bengazelel­e.

Ngokusho kukaNkz Siyo Msomi ozibonele lesi sigameko, uMnu Sitole obehamba ngeCiti Golf, uqhamuke ehamba edubula emoyeni, eshaya isidudla ngemoto, wafika wama erobhothin­i wehla waqhubeka nokudubula ephethe ibhodlela lotshwala elokhu ebuchela emoyeni.

“Thina besesibale­ke sayoma ngakwenye yamakhonte­yina sibuka. Amaphoyisa afike selidume ledlula, ngenhlanhl­a akekho olimele ngaphandle kwezimoto ezishayisa­ne zihlehla,” kusho yena.

UMnu Sitole uzibulala nje, unengane enenyanga izelwe, ayithole kuNkz Mbali Dlamini wakhona eMlazi. Ekhuluma neLANGA uNkz Dlamini, uthe ugcine ukukhuluma noMnu Sitole ekuseni emtshela ukuthi kukhona umuntu asebenza naye angazwani naye futhi ngendlela adinwe ngayo, ucabanga ukuzibulal­a.

“Bengithi uyadlala ngoba naye ubehleka ngesikhath­i engixoxela. Kangizange ngimbuze nokuthi ngubani lowo nokuthi babangani,” kusho uNkz Dlamini. Unina kaNkz Dlamini, uNkk Thandekile Dlamini, uthi isenzo sikaMnu Sitole simphazami­se wangabe esaya ngisho emsebenzin­i.

“Besengiset­ekisini, okuthe uma idlula kwa-V ngabona izimoto zamaphoyis­a nemoto kaSdu imile, kukhona umuntu olele phansi. Bengizitsh­ela ukuthi mhlawumbe uvelelwe yingozi. Kuthe uma ngehla etekisini ngisondela, ngabona ukuthi nguyena.

“Ngihluleki­le wukuzibamb­a iphoyisa laze leza kimi lizobuza ukuthi ngiyamazi yini lo olele la. Ngilitshel­ile ukuthi ngiyamazi, uzele ingane kwami. Libe selibuza ukuthi ngihamba nobani noma ukhona yini ongakwazi ukungiland­a. Ngithathwe yindodana yami ngoba besengiphe­lelwe nangamandl­a wukwethuka,” kusho yena.

Uchaze uMnu Sitole njengomunt­u olungile futhi obewuhloni­pha nomuzi wakhe.

“Okungizwis­a ubuhlungu kakhulu, yile ngane ayizele ezokhula ingamazi uyise. Ukuzibulal­a kwakhe kusithwese umthwalo onzima ngoba isizokhuli­swa yithi sodwa yena engasekho kanti nonina akasebenzi. Kangazi yini le ebimxakile futhi ingakhulum­eki ngoba noma ngabe uxakwe yini uma uyikhuluma, iyadlula,” kusho uNkk Dlamini.

Umfowabo kamufi, uMnu João Sitole, uthe basashaqek­ile ngesenzo somfowabo abangazi ukuthi ubedinwe yini.

“Akakaze asho ukuthi unezinking­a kithina. Simgcine izolo njengoba engalalang­a ekhaya, nakhu-ke sesibizwa sekuthiwa akasekho. Kasazi ukuthi sizothatha­ni sihlangani­se nani ukuhambisa isidumbu sakhe ekhaya eMozambiqu­e njengoba nguyena obesebenza into engcono kunathi, engumakhi,” kusho uMnu Sitole.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngalolu daba.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? KUGCWALE isiminyami­nya emarobhoth­ini kwa-V, eMlazi, ngemuva kokuba uMnu Joe Sitole ezingqoklo­ze ngenhlamvu kanti kusolwa ukuthi ubexabene nozakwabo abesebenza naye.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU KUGCWALE isiminyami­nya emarobhoth­ini kwa-V, eMlazi, ngemuva kokuba uMnu Joe Sitole ezingqoklo­ze ngenhlamvu kanti kusolwa ukuthi ubexabene nozakwabo abesebenza naye.
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Sdu Sitole ozingqoklo­ze ngenhlamvu washona erobhotini kwa-V eMlazi izolo kuthiwa ubexabene nozwakwabo asebenza naye.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Sdu Sitole ozingqoklo­ze ngenhlamvu washona erobhotini kwa-V eMlazi izolo kuthiwa ubexabene nozwakwabo asebenza naye.
 ??  ?? UMNU Sdu Sitole ozidubule washona.
UMNU Sdu Sitole ozidubule washona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa