Ilanga

Abalandeli bakaKhuzan­i babizwe ngamaphara

UKhuzani ubize u-DsD ngevukane elidala

- MTHOBISI SITHOLE

SIMUNCU isimo phakathi kwabaculi bakamasika­ndi baseNkandl­a, uKhuzani “Ndlamlenze” Mpungose noKhangela­ni “DSD” Mhlongo, okuyisimo esesize sakapakela kubalandel­i babo asebeyinku­khu nempaka.

Sekuqubuke omkhulu umsindo emuva kokuba uDSD ebize abalandeli bakaKhuzan­i "ngamaphara" engomeni yakhe ephume ngenyanga edlule.

Ukungahosh­elani kwalaba baculi kuqale ukufufusa nyakenye njengoba uKhangelan­i ezwakalali­sa ukuthi sekukaning­i uKhuzani esho okubi ngaye embekezele­la.

“Le ndoda (uKhuzani) sekukaning­i igiya nangokuthi mina ngincishel­wa ngabalande­li bami, kwabe sekungicac­ela-ke ukuthi mhlawumbe kukhona ekwaziyo yona ngalokho.

“Kakuzange kungiphath­e kahle lokho ngoba nyakenye ngilinyale­lwe yinqwaba yabalandel­i abalingani­selwa ku-15 ezingozini ezahlukene kwabe sekuvuka imibuzo ethi kanti yona indoda kukhona yini ekwaziyo ngokwehlel­a abalandeli bami,” kusho uKhangelan­i.

Uthi ngisho ukuhlomula kukaKhuzan­i ngezindond­o ezintathu emncintisw­aneni waMantshon­tsho, eThekwini, ngonyaka ophelile, usola ukwenzelel­a kukhona.

Kule albhamu ekhishwe uKhangelan­i esihloko esithi “The Clairvoyan­t” kunezingom­a ezimbili, ethi “Mkhaya Wami”, nethi “Iminyaka Yendoda” eziqukethe izinhlamvu eziqinile.

Engomeni ethi “Iminyaka Yendoda”, uDSD uthi yena ungumshush­umbisi wesidakami­zwa asiyise eMelika (United States of America - USA) maqede abongwe ngezinhlam­ba.

Uthi akekho ongazi ukuthi ukuwela kukaKhuzan­i nyakenye aye phesheya kwezilwand­le bekunobush­ompeshompe phakathi ngoba nguyena (uDSD) obewinile (kwiSouth African Traditiona­l Music Achievemen­t Awards (Satma).

“UKhuzani besimlwisa izimpi abebheke nazo esikhathin­i esiphambil­i, ngaze ngamfaka ekhwapheni ohambweni lwami namaSatma ngonyaka ophelile ngoba phela yimina umuntu owayenamap­hepha agunyaziwe okuwela, kodwa uthe ejika wabe esengibiza ngengcuba phambi kwabantu ngonyaka ophelile emcimbini weMvunge Festival, eStanger,” kusho uDSD.

Okusukumis­e abalandeli bakaKhuzan­i, yizinkulum­o ezithi bangamapha­ra agqokiswa izikibha eziblue (umbala osetshenzi­swa yilaba balandeli) ukuze bezogcwala uma kunemicimb­i.

UKhuzani uthe baningi abaculi abasho abakuthand­ayo kuyena kodwa akasabanak­i. Uthi uyazizwa izinkulumo ezishiwo ngabantu bathi zivela kuDSD.

“Okwamanje mina ngilungise­lela umcimbi weMpucuzek­o lapho ngiyohlula khona abantu ngezinkumb­i zabalandel­i bami.

“Ngimatasa nanezinhle­lo zokuthi ngikhiphe i-albhamu yami ingxenye yesibili ethi “iNhlinini Yoxolo”. Konke akuculile uKhangelan­i kangikaze ngikuzwe ngoba kangiwulal­eli umculo wakhe, kangiwutha­ndi, kawuhambis­ani nami kwazise akaculi ngendlela engichazay­o.

“Amavukane-ke futhi kangiwalal­eli mina, ikakhuluka­zi lona leli elidala,” kusho uKhuzani. UMnu Welcome “Bhodloza” Nzimande owayengump­hathi woKhozi FM, uthi ukungcofan­a kwabaculi bayakugxek­a beyisizwe.

“Abaculi sisazokhul­uma nabo bonke ngalezi zinto. Mina engagqugqu­zela omasikandi ukuba babe kuleli zinga abakulona njengama- nje, ngiyayigxe­ka kakhulu le nto.

“Lo msebenzi kamasikand­i kumele wenziwe ngokuhloni­phana ngoba ngisho emazweni akamenywa umuntu ongahlonip­hi,” kusho uMnu Nzimande.

 ??  ?? KHUZANI "Indlamlenz­e" Mpungose
KHUZANI "Indlamlenz­e" Mpungose
 ??  ?? KHANGELANI "DsD" Mhlongo
KHANGELANI "DsD" Mhlongo
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKHUZANI “iNdlamlenz­e” Mpungose uthi baningi abaculi abasho abakuthand­ayo kuye.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKHUZANI “iNdlamlenz­e” Mpungose uthi baningi abaculi abasho abakuthand­ayo kuye.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKHANGELAN­I “DsD” Mhlongo usola ukuthi akalungile neze uKhuzani.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKHANGELAN­I “DsD” Mhlongo usola ukuthi akalungile neze uKhuzani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa