Abalandeli bakaKhuzani babizwe ngamaphara
UKhuzani ubize u-DsD ngevukane elidala
SIMUNCU isimo phakathi kwabaculi bakamasikandi baseNkandla, uKhuzani “Ndlamlenze” Mpungose noKhangelani “DSD” Mhlongo, okuyisimo esesize sakapakela kubalandeli babo asebeyinkukhu nempaka.
Sekuqubuke omkhulu umsindo emuva kokuba uDSD ebize abalandeli bakaKhuzani "ngamaphara" engomeni yakhe ephume ngenyanga edlule.
Ukungahoshelani kwalaba baculi kuqale ukufufusa nyakenye njengoba uKhangelani ezwakalalisa ukuthi sekukaningi uKhuzani esho okubi ngaye embekezelela.
“Le ndoda (uKhuzani) sekukaningi igiya nangokuthi mina ngincishelwa ngabalandeli bami, kwabe sekungicacela-ke ukuthi mhlawumbe kukhona ekwaziyo yona ngalokho.
“Kakuzange kungiphathe kahle lokho ngoba nyakenye ngilinyalelwe yinqwaba yabalandeli abalinganiselwa ku-15 ezingozini ezahlukene kwabe sekuvuka imibuzo ethi kanti yona indoda kukhona yini ekwaziyo ngokwehlela abalandeli bami,” kusho uKhangelani.
Uthi ngisho ukuhlomula kukaKhuzani ngezindondo ezintathu emncintiswaneni waMantshontsho, eThekwini, ngonyaka ophelile, usola ukwenzelela kukhona.
Kule albhamu ekhishwe uKhangelani esihloko esithi “The Clairvoyant” kunezingoma ezimbili, ethi “Mkhaya Wami”, nethi “Iminyaka Yendoda” eziqukethe izinhlamvu eziqinile.
Engomeni ethi “Iminyaka Yendoda”, uDSD uthi yena ungumshushumbisi wesidakamizwa asiyise eMelika (United States of America - USA) maqede abongwe ngezinhlamba.
Uthi akekho ongazi ukuthi ukuwela kukaKhuzani nyakenye aye phesheya kwezilwandle bekunobushompeshompe phakathi ngoba nguyena (uDSD) obewinile (kwiSouth African Traditional Music Achievement Awards (Satma).
“UKhuzani besimlwisa izimpi abebheke nazo esikhathini esiphambili, ngaze ngamfaka ekhwapheni ohambweni lwami namaSatma ngonyaka ophelile ngoba phela yimina umuntu owayenamaphepha agunyaziwe okuwela, kodwa uthe ejika wabe esengibiza ngengcuba phambi kwabantu ngonyaka ophelile emcimbini weMvunge Festival, eStanger,” kusho uDSD.
Okusukumise abalandeli bakaKhuzani, yizinkulumo ezithi bangamaphara agqokiswa izikibha eziblue (umbala osetshenziswa yilaba balandeli) ukuze bezogcwala uma kunemicimbi.
UKhuzani uthe baningi abaculi abasho abakuthandayo kuyena kodwa akasabanaki. Uthi uyazizwa izinkulumo ezishiwo ngabantu bathi zivela kuDSD.
“Okwamanje mina ngilungiselela umcimbi weMpucuzeko lapho ngiyohlula khona abantu ngezinkumbi zabalandeli bami.
“Ngimatasa nanezinhlelo zokuthi ngikhiphe i-albhamu yami ingxenye yesibili ethi “iNhlinini Yoxolo”. Konke akuculile uKhangelani kangikaze ngikuzwe ngoba kangiwulaleli umculo wakhe, kangiwuthandi, kawuhambisani nami kwazise akaculi ngendlela engichazayo.
“Amavukane-ke futhi kangiwalaleli mina, ikakhulukazi lona leli elidala,” kusho uKhuzani. UMnu Welcome “Bhodloza” Nzimande owayengumphathi woKhozi FM, uthi ukungcofana kwabaculi bayakugxeka beyisizwe.
“Abaculi sisazokhuluma nabo bonke ngalezi zinto. Mina engagqugquzela omasikandi ukuba babe kuleli zinga abakulona njengama- nje, ngiyayigxeka kakhulu le nto.
“Lo msebenzi kamasikandi kumele wenziwe ngokuhloniphana ngoba ngisho emazweni akamenywa umuntu ongahloniphi,” kusho uMnu Nzimande.