UZOKWENYUKA NGO-26c UPHETHILOLI

Ilanga - - Izindaba - THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

BAZOBHOBOKA amaphakethe abashayeli bezimoto njengoba uMnyango wezeMandla umemezele ukuthi uzophinde wenyuke uphethiloli ngoLwesithathu.

Lokhu kunyuka kukaphethiloli sengokwesine ukwenzeka kusukela ngoMbasa (April) nonyaka. UMnyango wezaMandla uthi uphethiloli uzokwenyuka ngo-26c ilitha.

Kulindeleke ukuba abanikazi bezimoto bahlukane nemali engango-R15.53 kuya ku-R16.02 ngelitha likaphethiloli - kusukela ngoLwesithathu.

Isazi sezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithi ukwenyuka kukaphethiloli yinto obekufanele yenzeke njengoba irandi lehlelwe kakhulu ngamandla seligijima ko-R13.95 uma liqhathaniswa nedola lase-United States of America (USA).

“Ngaphandle kokwehla kwamandla erandi, uphethiloli ubuvele uzokwenyuka ngoba uwoyela ongahluziwe lo esiwuthengayo, intengo yawo yenyukile yaze yafinyelela ku-US$74 umphongolo, okuyimali enkulu kakhulu kunoUS$60 ebesiwukhokha ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule,” kusho uSolwazi Dumisa.

Uthi kumele abantu bapheze ukuthatha izindlela ezingenasidingo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.