MDALA UMBANGO KUMASIKANDI

Ilanga - - Izindaba -

Ukuxabana kwabaculi kakusiyona into yamanje ngoba uMtshengiseni “iNdidane” Gcwensa noKwakhe “Mgqumeni” Khumalo (abangasekho), baxabane kwaze kwangenelela uMnu Nzimande ukuze babuyisane.

UMgqumeni ushone ngo-2009 kunesonto elilodwa esememezele ukuthi isiphelile impi yabo. Ukungaboni ngaso linye kwabo kuze kwafaka uThokozani “Somnandi” Langa noBhekumuzi Luthuli (ongasekho) njengoba bese besezinhlangothini zalaba baculi.

UMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele noKhuzani Mpungose, nabo bekunzima eminyakeni emithathu edlule ngenxa yokungaboni ngasolinye kwaze kwangenelela amakhosi abadabu- ngaphansi kwawo okungeyaseNkandla (iNkosi Zakhe Mpungose) neyaseHluhluwe (iNkosi Bonga Mdletshe) noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZuluNatal, uNkk Bongi Sithole-Moloi.

mthobisis@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.