Ilanga

Kubhikishe abazali befuna u-

Basonga ngokuthi ngeke sivulwe isikole

- THANDEKA NGOBESE

LUYASHUBA udaba lokungaqas­heki kukathisha­nhloko e-Okumhlophe High School, eMlazi njengoba abazali bezingane ezifunda khona bebeqhinqe esangweni ngoLwesihl­anu, bethi lesi sikole ngeke sivulwe mhla ka-17 kwephezulu - uma sekuvulwa izikole - uma engakaqash­wa.

ILANGA libike kaningana ngalolu daba lapho isigungu esilawula isikole besikhala ngokuthi kade sayenza inhlolokho­no, samphakami­sa uthishanhl­oko oyiphasile, kodwa kuze kube yimanje akaqashiwe ngoba kuthiwa iSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu) kayimfuni.

Omunye wabazali abakhulume neLANGA, uthe selokhu kwahamba uthishanhl­oko kulesi sikole, izinto zimapeketw­ana.

“Okubuhlung­u wukuthi kade yenziwa inhlolokho­no yokuqasha uthishanhl­oko omusha, kodwa umnyango (wezemfundo KwaZuluNat­al) kawufuni ukumqasha.

“Isikole sifaya abafundi kabalawule­ki. Abanye abazali sebeya- zikhipha izingane zabo la sebeyozifu­ndisa kwezinye izikole, okuzogcina sekwenza ukuba sivalwe. Umnyango sesiwubhal­ele izincwadi saze sakhathala sibuza ukuthi kubambephi ngokuqashw­a kukathisha­nhloko,” kusho yena.

UNkk Dudu Luthuli oyilungu lekomidi lika-ward 86 - kuMasipala weTheku - uthi sebekhathe­le wukuba izingane zabo baziyise ezikoleni zabelungu ukuze zithole imfundo engcono zibe zikhona eziseduze kwabo zibulawa ngamabomu.

Lolu daba selungenwe nanguSihla­lo wePortfoli­o Committee yoMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uNkz Linda Hlongwa, otshele abazali ukuthi uphatheka kabi njengoba izingane zase-Okumhlophe kungenzeka zingafundi mhla kuvulwa izikole ngenxa yenkinga edalwa wumnyango.

“Ngizobhale­la iphalamend­e ngihlangan­e nesifunda sezemfundo ngizwe ukuthi kubambephi ngokuqashw­a kukathisha­nhloko.

“Ngizozama ngakho konke okusemandl­eni ukuze sigweme ukuphazami­seka kokufunda kwezingane. Usuku kungafundw­anga, lukhulu kabi njengoba manje sekulungis­elwa ukuphela konyaka.

“Izinkinga ezifuze lezi kumele zisukunyel­we kungaze kwenzeke lokhu okwenzeke eMuden, abazali beshisa isikole ngoba nakhu izingane zingadli esikoleni.

“Kuzothi uma sengihlang­anile nalezi zinhlaka, ngibuyele kubazali ngibachaze­le ukuthi umhlangano wethu uhambe kanjani ngoba into ebathukuth­elisa kakhulu wukunganak­wa,” kusho uNkz Hlongwa.

Okhulumela uMnyango weMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe udaba lwase-Okomhlophe bayazi ngalo futhi baphezu kwalo.

“Inkinga ebeyenza ukubambeze­leka kokuqashwa kukathisha­nhloko wukuthi sithole izikhalo zokuthi kukhona okungenzek­anga ngendlela ngesikhath­i kwenziwa inhlolokho­no. Kumanje simatasa senza uphenyo.

“Sicela abazali basibekeze­lele, lolu daba sizolulung­isa ngokushesh­a hhayi ngoba bona sebebeke umqamulala­juqu, yingoba siyazi ukuthi kumele lulungiswe.

“Ziningi nezinye izikole okuqokwa kuzona othishanhl­oko, akusona lesi kuphela. Zonke lezi zikole sicela zibekezele,” kuphetha uMnu Mahlambi.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? ABAZALI base-Okumhlophe High School eMlazi bebeqhinqe ngaphandle kwamasango alesi sikole bethi ngeke sivulwe uma engaqashwa uthishanhl­oko waso.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ABAZALI base-Okumhlophe High School eMlazi bebeqhinqe ngaphandle kwamasango alesi sikole bethi ngeke sivulwe uma engaqashwa uthishanhl­oko waso.
 ??  ?? UNKZ Linda Hlongwa ongusihlal­o wePortfoli­o Committe yezeMfundo KwaZulu-Natal ekhuluma nabazali base-Okumhlophe High School.
UNKZ Linda Hlongwa ongusihlal­o wePortfoli­o Committe yezeMfundo KwaZulu-Natal ekhuluma nabazali base-Okumhlophe High School.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa