BASHAYA AMAKHALA NGEZETHEMBISO ZONGQONGQOSHE
USHAYA amakhala umphakathi waseMfekayi, eMtubatuba, ngezethembiso ezenziwe ngabaholi abebevakashele le ndawo ngoLwesi- ne, emuva kokuba lo mphakathi uvale umgwaqo, washisa amaloli, waqhulula iguzu ngamatshe ukhala ngentuthuko. NgoLwesine, uNgqongqoshe wezokuThutha, ezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, nowezokuHlaliswa kwaBantu, uMnu Ravi Pillay, bavakashele lo mphakathi obukhala kakhulu ngokuthi ufuna ukwakhelwa isiteshi samaphoyisa - esishiywe singaqediwe phambilini - wukwakhelwa izindlu, wukwakhelwa umtholampilo - okuvele ukuthi kwagcina ngokuphendulwa kwesoyi ngo2006 - ulungiselwe nenkinga yamanzi.
Ngesikhathi kubhikishwa, ongqongqoshe baziyele mathupha kuwona bathembisa ukuthi bazobuya ngoLwesine, mhla ka-28 kuNhlangulana (June) nezimpendulo mayelana nezikhalo zawo.
Bathembise ukuthi kuzobhekwa kuqala imindeni edonsa kanzima yakhelwe izindlu, kwengezwe imitholampilo engomahamba nendlwana kuthunyelwe isiteshi esiwumahamba nendlwana, ikakhulukazi ezindaweni ezidume kakhulu ngobugebengu.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba wumnyango kaMnu Kaunda, lo ngqongqoshe ucashunwe ethi uhulumeni uzamile ukwakha isiteshi samaphoyisa kodwa umphakathi waxosha usonkontileka ngoba ufuna kuqashwe owendawo.
Uveze ukuthi kuzokwandiswa nesibalo samaphoyisa kule ndawo.
“Abantu bayacelwa ukuba baziqhelelanise nemibhikisho enodlame futhi engekho emthethweni - lapho kuvalwa khona imigwaqo - kodwa balandele imigudu efanele.
“Uma bengenayo imvume, amaphoyisa kumele ababophe labo abasuke bebhikisha ngokungemthetho,” kusho yena.
Yize kunjalo, amalungu omphakathi akhulume neLANGA kawayizwa kahle indaba yesiteshi samaphoyisa esiwumahambanendlwana njengoba uthi besikhona phambilini kodwa singawasizi ngalutho.
Aveze nokuthi kakulona iqiniso ukuthi umphakathi uxoshe usonkontileka obenza umsebenzi wokwakha isiteshi.
UMnu Vincent Msweli oyilungu lomphakathi futhi obekhona ngelanga lombhikisho, uthe kungamampunge ukuthi umphakathi uxoshe usonkontileka.
“Usonkontileka ufike waqasha abantu bendawo, abanye babo abanamaloli athutha isihlabathi, uphinde waqasha nabanye abebezosebenza ngaphansi kwakhe.
“Ube eseyahamba ngaphandle kokukhokhela abantu futhi sino- bufakazi balokho. Kuyasethusa-ke uma sekuthiwa wumphakathi owamxosha,” kusho yena.
Yize kunjalo uthi bakushayela ihlombe ukusheshe kuphendulwe odabeni lwezindlu kanti banethemba lokuthi abantu bazosizakala.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, UMnu Mbulelo Baloyi, uthe kuzokwakhiwa izindlu eziwu-100 iwadi ngayinye kwawu-5 - okuchaza ukuthi ziwu-500 izindlu ezizokwakhiwa.
“Zivele zikhona izinhlelo kwamasipala zokwakhiwa kwezindlu kodwa kunezinto ezisabambile. Sibone kugcono ukuba siqale ngalezi ezizokwakhiwa ngaphansi kukaSukuma Sakhe.
“NgoMandulo (September) kuzothulwa usonkontileka ozokwenza lo msebenzi emphakathini bese kuthulwa nekomiti elizobheka le mindeni ehlwempu okuzoqalwa ngayo,” kusho yena.
Imizamo yokuthola uMnu Kwanele Ncalane womnyanyo wezokuthutha, ukuvikela nokuxhumana nomphakathi, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.