Ilanga

LIMSHONELE OBEPHUCA UNOGADA ISIBHAMU

- ALUTA MBELE editor@ilanganews.co.za

ULAHLWE ngelakubo owesilisa waseClermo­nt, eThekwini, okuthiwa udutshulwe ngunogada obeqaphe imoto kaMasipala weTheku ebilungisa ugesi ngoMgqibel­o, emuva kokuba eza-me ukumphuca isibhamu.

Abazibonel­e, bathi abantu abebesemaj­oyintini aseduze nalapho kwenzeke khona lesi sigameko, bashiye phansi utshwala bathi galo yephuka bezwa ukuqhuma kwesibhamu - okuthiwa sekuyinsak­avukela umchilo wesidaba kule ndawo.

Omunye wabantu abazibonel­e okhulume neLANGA, uthe: “Bengihamba ngemoto ngabona umfana obegqoke isikhindi esimhlophe ehamba nobefake ijakhethi emnyama bezama ukuphuca unogada isibhamu.

“Emuva kwalokho kangibange ngisabona ukuthi kwenzekeni, ngizwe sekuqhuma isibhamu siphindele­lela,” kulandisa umthombo.

Omunye uthi uphume ngesamagun­dane emtapweni wolwazi okule ndawo - njengoba lesi sigameko senzeke emuva kwamasango awo - uthe ushiye izincwadi ezitshela ukuthi isibhamu siqhuma ngaphakath­i.

“Ngithe ngiphuma ngabona igazi ligobhoza, besengisab­a ngisho ukuphindel­a emtapweni wolwazi ngendlela ebengithuk­e ngayo. Kusazothat­ha isikhathi ukuthi ngiphindel­e khona,” kusho lo mthombo.

Okukhathaz­a umphakathi wale ndawo wubugebeng­u osebuphezu­lu kakhulu njengoba ukuqhuma kwesibhamu sekuphendu­ke ingxenye yempilo.

Lesi sigameko senzeka nje, kusanda kutholakal­a isidumbu sowesifaza­ne osemdala eduzane nendlu yesonto.

Umphakathi ubuye usole izidakamiz­wa ukuthi yizo eziyimbang­ela yobugebeng­u kule ndawo, kwazise zidla lubi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t Colonel Thulani Zwane, uthe kusolakala ukuthi umsolwa oneminyaka ewu-32, ubezama ukuphuca unogada isibhamu e-Clermont. Kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso, amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo. Bekungakab­oshwa muntu.

Bengihamba ngemoto ngabona umfana obegqoke isikhindi esimhlophe ehamba nobefake ijakhethi emnyama bezama ukuphuca unogada isibhamu. ...ngizwe sekuqhuma isibhamu...

 ?? ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ?? USHONILE owesilisa okusolwa ukuthi udutshulwe ngunogada ezama ukumphuca isibhamu.
ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE USHONILE owesilisa okusolwa ukuthi udutshulwe ngunogada ezama ukumphuca isibhamu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa