Ilanga

Abalimi "bavimba" intuthuko kamasipala

"Bagweve" nomhlaba okumele kugxunyekw­e kuwo ugesi

- MTHOBISI SITHOLE

UKHOMBA abalimi ngenjumban­e uMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma, uthi bagweve nomhlaba wabo ukuze kugxunyekw­e izigxobo zikagesi okufanele ufakelwe abantu - lokhu ukuchaza njengokuvi­mba intuthuko.

UMnu Philani Shange, oyisekela lemeya yaseDr Nkosazana Dlamini Zuma, uthi lokhu kwenza eminye imiphakath­i idonse kanzima, ingawuthol­i ugesi.

Lokhu ukusho ngoLwesihl­anu, eHimeville, e-Underberg umasipala wakhe kade uphasisa isabelomal­i sonyakamal­i ka-2018-19 esiwu-R245 million.

Kulezi zindawo ubalule i-Underberg, wathi ithanda ukusilela ezinhlelwe­ni zentuthuko ngenxa yokuthi kunabanika­zi bomhlaba abangafuni lutho, abaveza ukuthi nabo bayazikhok­hela izindleko zikamasipa­la ngakho-ke kumele bahlonishw­e ngomhlaba wabo.

“Sinenkinga enkulu yomhlaba, kasikwazi ukusiza abantu ezindaweni eziningi ngenxa yale nto. Sisemkhank­asweni wokuxoxa nabanikazi bomhlaba ukuze sizowuthat­ha ubuyele ngaphansi kwethu siwumasipa­la.

“Sizophinde senze ucwaningo olunzulu ngawo umhlaba lona kule ndawo ngoba ziningi izindawo esesithole ukuthi kazinabo abanikazi kanti ezinye zazo kukhona asebazitha­tha bathi ngezabo ekubeni kungenjalo. Lapho khona kunomhlaba, sizowuthat­ha ngoba kasikwazi ukuyekela abantu bengathuth­uki ngenxa yabantu abathile emapulazin­i,” kusho uMnu Shange.

Uthi kunesigame­ko lapho kushe khona owesifazan­e nengane yakhe ngenxa yekhandlel­a, okungenye yezinto ezenza balwele ukuba umphakathi uthole ugesi.

Uthe nakuba isabelo sabo sisincane kodwa bezokwenza konke okusemandl­eni ukuthi izidingo zomphakath­i zibekwe phambili. U-R2.3 million kulesi sabelo, uMnu Shange uthe kuzobhekel­elwa izinhlelo zokuthuthu­kiswa kwentsha, imali engaphezu kukaR10 million ngeyokuba kubhekelel­we izingqalas­izinda, ukulungisw­a kwezakhiwo zomphakath­i, ukuthuthuk­isa ezemidlalo, ezokuvakas­ha, ezobuciko namasiko.

UMnu Shange uthi baphinde balekelele abafundi abaswele abaphase kahle umatikulet­sheni ngemali yokubhalis­a emanyuvesi kanti abanye babo babafundis­a ngisho eCuba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa