UNGENISWE ESIBHEDLELA ONTSHONTSHELWE INGANE
ULALISWE esibhedlela ngenxa yengcindezi owesifazane waseMthwalume ontshontshelwe ingane enezinyanga ezintathu izelwe.
UNkz Vuyisile Simamane (21), ungeniswe esibhedlela, iGJ Crookes, eScottburgh mhla ka-2 kuNhlangulana (June), emuva kokuntshontshelwa ingane yakhe, uLuyanda Simamane, okusolakala ukuthi intshontshwe ngumzala wakhe.
Utshele ILANGA ukuthi ngoNhlaba (May) kufike umzala wakhe kubo ehamba nentombi yakhe bethi bavakashile. Bahlale amasonto amabili.
Uthi mhla ka-2 kuNhlangulana, uvuke ekuseni ingane yakhe ingekho eduze kwakhe embhedeni abalala kuwona.
“Ngivuke ngayoyibheka egunjini obekulele kulona umzala nentombi yakhe, kodwa ngafika kukhala ibhungezi. Bekungekho lutho olwabo, nezinto zikaLuyanda bezingekho.
“Kuvele kwaduma ikhanda, ngafonela amaphoyisa ngawabikela ukuthi kwenzekeni emuva kwalokho ngase ngifonela ubaba ngimazisa ngento eyenzekile.
“Ubaba uphuthume waya erenki yamatekisi wabuza imenenja yaserenki ukuthi ngabe kayibabonanga yini abantu ababili abebehamba nengane yomfana.
“Ithe bagibele itekisi eliphumile. Ufonele umshayeli walelo tekisi wabuza ngabo, (umshayeli) wathi behle ngaphansi kwebhuloho eSiphingo.
“Ngikhuma nje ngisesibhedlela ngenxa yengcindezi kanti nomfutho wami wegazi udla amagalani. Kunzima nokuthi kwehle ubuthongo ngoba ngilokhu ngicabanga ukuthi ngabe ingane yami iyaphila yini lapho ikhona,” kusho uNkz Simamane.
Utshele ILANGA ukuthi ukhule ezwana nomzala wakhe njengoba ebefika njalo kubo eyovakasha. Uthi intombi yakhe ubeqala ukuyibona.
“Uma umzala nentombi yakhe betholakala, ngifuna bavalelwe isikhathi eside futhi bajeziswe ngabakwenzile,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala lokulahleka kwengane elivuliwe esiteshini samaphoyisa eHibberdene.
Uthe akekho osaboshiwe ngalolu daba.