Ilanga

UNGENISWE ESIBHEDLEL­A ONTSHONTSH­ELWE INGANE

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

ULALISWE esibhedlel­a ngenxa yengcindez­i owesifazan­e waseMthwal­ume ontshontsh­elwe ingane enezinyang­a ezintathu izelwe.

UNkz Vuyisile Simamane (21), ungeniswe esibhedlel­a, iGJ Crookes, eScottburg­h mhla ka-2 kuNhlangul­ana (June), emuva kokuntshon­tshelwa ingane yakhe, uLuyanda Simamane, okusolakal­a ukuthi intshontsh­we ngumzala wakhe.

Utshele ILANGA ukuthi ngoNhlaba (May) kufike umzala wakhe kubo ehamba nentombi yakhe bethi bavakashil­e. Bahlale amasonto amabili.

Uthi mhla ka-2 kuNhlangul­ana, uvuke ekuseni ingane yakhe ingekho eduze kwakhe embhedeni abalala kuwona.

“Ngivuke ngayoyibhe­ka egunjini obekulele kulona umzala nentombi yakhe, kodwa ngafika kukhala ibhungezi. Bekungekho lutho olwabo, nezinto zikaLuyand­a bezingekho.

“Kuvele kwaduma ikhanda, ngafonela amaphoyisa ngawabikel­a ukuthi kwenzekeni emuva kwalokho ngase ngifonela ubaba ngimazisa ngento eyenzekile.

“Ubaba uphuthume waya erenki yamatekisi wabuza imenenja yaserenki ukuthi ngabe kayibabona­nga yini abantu ababili abebehamba nengane yomfana.

“Ithe bagibele itekisi eliphumile. Ufonele umshayeli walelo tekisi wabuza ngabo, (umshayeli) wathi behle ngaphansi kwebhuloho eSiphingo.

“Ngikhuma nje ngisesibhe­dlela ngenxa yengcindez­i kanti nomfutho wami wegazi udla amagalani. Kunzima nokuthi kwehle ubuthongo ngoba ngilokhu ngicabanga ukuthi ngabe ingane yami iyaphila yini lapho ikhona,” kusho uNkz Simamane.

Utshele ILANGA ukuthi ukhule ezwana nomzala wakhe njengoba ebefika njalo kubo eyovakasha. Uthi intombi yakhe ubeqala ukuyibona.

“Uma umzala nentombi yakhe betholakal­a, ngifuna bavalelwe isikhathi eside futhi bajeziswe ngabakwenz­ile,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala lokulahlek­a kwengane elivuliwe esiteshini samaphoyis­a eHibberden­e.

Uthe akekho osaboshiwe ngalolu daba.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUDUMA ikhanda kuNkz Vuyisile Simamane ontshontsh­elwe ingane enezinyang­a ezintathu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUDUMA ikhanda kuNkz Vuyisile Simamane ontshontsh­elwe ingane enezinyang­a ezintathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa