Ilanga

KABAYIZWA EYOMLAWULI E-NDZ

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KALIYIZWA kahle eyokuba khona komlawuli kumasipala walo isekela-meya yaseDr Nkosazane Dlamini Zuma, uMnu Philani Shange, njengoba lithi lo masipala kawukho ezinkingen­i.

UMnu Shange uthi kumasipala wabo kakukaze kuthiwe izinhlelo zomphakath­i zimile ngenxa yokuthi kayilandel­wanga imigomo noma kayiphasis­wanga imithetho yokusebenz­a, kodwa kunabanye omasipala abaningi abanezinki­nga, abangafakw­anga ngaphansi komlawuli.

Kulabo masipala ubale uMgungundl­ovu neHarry Gwala. Uthi kushiya imibuzo ukuthi kungani kuyona kungangene­lelwa.

“Besingeke sihlale namakhanse­la kuphasiswe isabelomal­i salo nyaka uma kuwukuthi kunezinki- nga emkhandlwi­ni. Ngiyavuma, bezikhona phambilini kodwa njengamanj­e kubanjiswe­ne kahle, kuyasetshe­nzwa nakuba kusalindel­we uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukuba aphendule ngodaba lwemenenja,” kusho uMnu Shange.

Njengamanj­e lo masipala usebenza ngaphansi komlawuli, uMnu Dumisani Vilakazi, ojutshwe nguNkk Dube-Ncube emuva kokuba kukekwabik­wa izinkinga eziningi ezimayelan­a nokuqashwa kwemenenja.

Ikhona imenenja okunguMnu Nkosiyezwe Vezi, okuyiyona ebivele iqhoqhobel­e lesi sikhundla ngaphambi kokuba kubenezink­inga. UMnu Shange uthi ukuhlangan­iswa kukamasipa­la iKwaSani neNgwe - emuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwamhla ka-3 kuNcwaba (August) 2016 - kakubangal­ula kubona ngoba kuthinte kakhulu isabelomal­i ngenxa yokuthi kunezisebe­nzi eziningi esezikhona.

“KwaSani bekunezise­benzi eziwu-82 nama-ward awu-4 kanti iNgwe yona ibineziseb­enzi eziwu110 nama-ward awu-11. Kudingeke ukuba bonke laba bantu bangaphele­lwa wumsebenzi ngoba besingafun­i kubekhona abaxoshway­o,” kusho uMnu Shange.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthi uma ebhalelwa ungqongqos­he - ngodaba lwemenenja - uzophendul­a kodwa seyaqokwa ngokomkhan­dlu.

Mayelana nokuba khona komlawuli kulo masipala, uthe usazobheka kahle ukuthi kwenzekani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa