KABAYIZWA EYOMLAWULI E-NDZ
KALIYIZWA kahle eyokuba khona komlawuli kumasipala walo isekela-meya yaseDr Nkosazane Dlamini Zuma, uMnu Philani Shange, njengoba lithi lo masipala kawukho ezinkingeni.
UMnu Shange uthi kumasipala wabo kakukaze kuthiwe izinhlelo zomphakathi zimile ngenxa yokuthi kayilandelwanga imigomo noma kayiphasiswanga imithetho yokusebenza, kodwa kunabanye omasipala abaningi abanezinkinga, abangafakwanga ngaphansi komlawuli.
Kulabo masipala ubale uMgungundlovu neHarry Gwala. Uthi kushiya imibuzo ukuthi kungani kuyona kungangenelelwa.
“Besingeke sihlale namakhansela kuphasiswe isabelomali salo nyaka uma kuwukuthi kunezinki- nga emkhandlwini. Ngiyavuma, bezikhona phambilini kodwa njengamanje kubanjiswene kahle, kuyasetshenzwa nakuba kusalindelwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukuba aphendule ngodaba lwemenenja,” kusho uMnu Shange.
Njengamanje lo masipala usebenza ngaphansi komlawuli, uMnu Dumisani Vilakazi, ojutshwe nguNkk Dube-Ncube emuva kokuba kukekwabikwa izinkinga eziningi ezimayelana nokuqashwa kwemenenja.
Ikhona imenenja okunguMnu Nkosiyezwe Vezi, okuyiyona ebivele iqhoqhobele lesi sikhundla ngaphambi kokuba kubenezinkinga. UMnu Shange uthi ukuhlanganiswa kukamasipala iKwaSani neNgwe - emuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwamhla ka-3 kuNcwaba (August) 2016 - kakubangalula kubona ngoba kuthinte kakhulu isabelomali ngenxa yokuthi kunezisebenzi eziningi esezikhona.
“KwaSani bekunezisebenzi eziwu-82 nama-ward awu-4 kanti iNgwe yona ibinezisebenzi eziwu110 nama-ward awu-11. Kudingeke ukuba bonke laba bantu bangaphelelwa wumsebenzi ngoba besingafuni kubekhona abaxoshwayo,” kusho uMnu Shange.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthi uma ebhalelwa ungqongqoshe - ngodaba lwemenenja - uzophendula kodwa seyaqokwa ngokomkhandlu.
Mayelana nokuba khona komlawuli kulo masipala, uthe usazobheka kahle ukuthi kwenzekani.