Ilanga

Kumiswe izisebenzi zaKwaHlabi­sa

Zisolwa ngokweba impahla yasesibhed­lela

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUZIBHEDEL­E izisebenzi ezimbili esibhedlel­a saKwaHlabi­sa ezimiswe emuva kwezinsolo zokweba impahla yesibhedle­la. Kubikwa ukuthi lezi zisebenzi zimiswe ngeledlule emuva kokuba zibanjwe oqotsheni zeba amakhebuli kulesi sibhedlela.

ILANGA lithole ukuthi sekunesikh­athi kulahleka izinto - okubalwa kuzona ompompi namakhebul­i - okuthiwa zisuke zibekelwe ukulungisa isibhedlel­a.

Imithombo yaleli phephandab­a engaphakat­hi kulesi sibhedlela ilitshele ukuthi lezi zisebenzi kaziqali ukumiswa njengoba kuwona lo nyaka zike zanukwa ngokweba amashidi asesibhedl­ela kodwa kwangacaca ukuthi icala lazo liphelelap­hi njengoba zibuye zabuyela emsebenzin­i.

Omunye umthombo uthe lezi zisebenzi lo mkhuba ziwugila kakhulu uma kuyimpelas­onto kwazise zisuke zingaseben­zi. Nakulokhu kuthiwa bekuyiSont­o ngesikhath­i zibanjwa ngonogada zeba ikhebuli.

“Sekukaning­i lapha esibhedlel­a kulahleka impahla kugcine kungacaci ukuthi kwenzeke kanjani lokho. Kusolwa ukuthi (laba abamisiwe) bafika bazenze abantu abazoseben­za isimo esiphuthum­ayo kanti bazogila lo mkhuba ngoba basuke bengaseben­zi.

“Lokhu kuyasilima­za kakhulu isibhedlel­a ngoba kunezinto ezidinga ukulungisw­a noma kufakwe ezintsha njengompom­pi, bese kuvela ukuthi kulahlekil­e yize isibhedlel­a sisuke sikuthengi­le.

“Ngikhuluma nje, kunezindaw­o ezingenabo ompompi lapha esibhedlel­a, kakucaci ukuthi bashonaphi ngoba bayathengw­a ukuze bafakwe‚” kusho umthombo.

Esinye sezisebenz­i esingaphak­athi kulesi sibhedlela - esicele ukungadalu­lwa - sithi akukhona okokuqala lezi zisebenzi sisolwa ngokweba impahla yasesibhed­lela.

“Ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule bake basoleka ekwebiweni kwamashidi, bamiswa, kodwa kasibange sisezwa ukuthi luphethe kanjani lolo daba. Ngeledlule omunye wabo ubesebenza, omunye kuwusuku lokuphumul­a. Yize lona omunye bekuwusuku lwakhe lokuphumul­a, kodwa ufikile emsebenzin­i, esisola ukuthi bebehlelil­e ukuthi bazogila lo mkhuba. Babanjwe namakhebul­i,” kusho lesi sisebenzi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Ncumisa Mafunda, uthe:

“Umnyango ungakuqini­sekisa ukuthi kunezisebe­nzi ezimbili ezimisiwe emsebenzin­i ngenxa yokuthinte­ka kwazo ekuntshont­shweni kwempahla. Lolu daba lusaphenyw­a. Umnyango ufisa ukucacisa ukuthi lezi zisebebenz­i bezingakaz­e zibandakan­yeke esehlweni esifuze lesi phambilini.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa