LIYA ENKANTOLO ENKULU ELABASOLWA BASE-GLEBE
LIDLULISELWE eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu icala labesilisa abawu-8 abasolwa ngohide lwamacala okubalwa awokuzama ukubulala nawokwakha itulo lokubulala abantu ehostela laseGlebelands, eMlazi.
NgoLwesihlanu iNkantolo yeMantshi yaseThekwini iveze ukuthi uKhayelihle Mbuthuma (28), uMnu Wonderboy Hlophe (45), uMnu Bhekukwazi Mdweshu (37), uMnu Ncomekile Ntshangase (34), uMnu Mondli Mthethwa (35), uMnu Mbuyiselwa Mkhize (30), uMnu Vukani Mcobothi (30) noMnu Bongani Mbhele (33) bazovela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu mhla ka-3 kuMandulo (September) ngamacala abasolwa ngawo.
UMnu Mkhize noMnu Mcobothi bamelwe nguMnu Peter Mhlongo.
UKhayelihle, uMnu Hlophe, uMnu Mdweshu, uMnu Ncomekile Mnu Ntshangase bona bamelwe ngu-Adv Jimmy Howse.
Ezinyangeni ezedlule uKhayelihle ugwetshwe udilikajele yile nkantolo ngecala lokubulala owesifazane onguSbongile Mtshali (52), waseGlebelands ngoNtulikazi (July) nyakenye.
Imantshi, uMnu Siphiwe Hlophe, itshele abamangalelwa ukuthi umqondisi omkhulu wezokushushisa ukhiphe isitifiketi esigunyaza ukuba leli cala lidluliselwe eMgungudlovu.
Ithe uMnu Mdweshu, osolwa ngokuba ngungqondongqondo kula macala, ubeqashwe yiSouth African Police Service (SAPS), engumseshi esiteshini samaphoyisa eDurban Central.
Utshele inkantolo ukuthi nguyena obakha uzungu lokuba kubulawe abantu baseGlebelands abebengahambisani nezinto ebezenzeka njengoba bebekhokhiswa imali.
“Ubungungqondongqondo kula macala njengoba kunguwena okuthiwa usungule ithimba labantu abebehlukumeza abahlali bakuleli hostela. Wena nethimba lakho (asolwa nalo) beniya emihlanganweni yasehostela niphethe izibhamu ezinkulu ngenhloso yokwesabisa abantu,” kusho imantshi.
Ithe kulindeleke ukuba umbuso ubize ofakazi abawu-107 kanti iningi labo ngamaphoyisa.
Kuqhume phezulu uhleko enkantolo ngesikhathi imantshi isho lokhu.
“Impilo yofakazi abazobe bethula ubufakazi kuleli cala, isengozini. Ngikusho lokhu ngoba omunye wabo ubulawe ngesikhathi eya enkantolo yaseMlazi eyothamela leli cala,” kusho imantshi.