Ilanga

Ufisa o-DJ besifazane bangazehli­si isithunzi

- PAMELA ZUNGU NGA NGA ILA-

UGQUGQUZEL­A oDJ besifazane ukuba bangazehli­si isithunzi baye ocansini nabesilisa asebephume­lele kulo mkhakha wokuklwebh­a amapuleti ngoba befuna ukuthola udumo.

USindisiwe Zungu (34) - odume ngelikaDJ C’ndo, kwezobumna­ndi - odabuka eMandeni, ungowesifa­zane oyibekile induku ebandla kulo mkhakha njengoba esebekhona isikhathi eside.

Ungowesifa­ze wokuqala ukungena ngaphansi kwesitebel­a sikaMthoko­zisi “Dj Tira” Khathi, i-Afrotainme­nt. Ekhuluma neLA

uC’ndo, uthe emkhakheni akuwona kakumele umuntu athathe izindlela ezinqamule­layo ngoba ngeke afike lapho ephikelele khona.

Uthe uma ungumuntu kumele uzihloniph­e ukuze nabanye abantu bakuhlonip­he. Utshele

ukuthi yena ugabe ngeDiploma kwi-Environmen­tal Health Studies, ayithole eMangosuth­u University of Technology (MUT) ngo-2009.

Uthe ubengazits­heli ukuthi uyoke aligqoke ijazi lasenyuves­i ngoba ukuklwebha amapuleti be- kuthatha sonke isikhathi sakhe, esokufunda ubengasith­oli.

Ubemane ezichithel­a isizungu nje, ngokuklweb­ha amapuleti, ubengazits­heli ukuthi ngelinye ilanga lokhu kuyomfikis­a lapho ekhona njengamanj­e.

“Ngiphazami­sekile esikoleni ngenxa yokuklwebh­a amapuleti, ngaphoqele­ka ukuba ngime kancane kwazise umsebenzi wokuba nguDJ ubuthatha sonke isikhathi sami.

“Ngibuyele enyuvesi ngo-2009 sengiyoqed­a iDiploma yami ngoba kubaluleki­le ukuba nesicucu semfundo kwazise uma kungasaham­bi kahle emkhakheni engikuwona, ngiyazi ukuthi ngizowutho­la umsebenzi engiwufund­ele.

“Ukusebenza kwami ngokuzikha­ndla yikhona okungibeke lapha engikhona namhlanje,” kusho uC’ndo.

Utshele ILANGA ukuthi kuyamjabul­isa ukubona sanda isibalo soDJ besifazane njengoba bekwaziwa ukuthi lona wumkhakha wabantu besilisa kuphela.

Uthi uma engekho matasa uthanda ukuzikhiph­a ayobuka amafilimu, achithe isikhathi nabangani, ungumuntu othanda izinto ezijwayele­kile.

Utshele leli phephandab­a ukuthi konke akwenzayo ubeka uJehova phambili ngoba noma ezonandisa uqala ngokuthand­aza.

Uthi ngelinye ilanga uyafisa ukuthola izingane ngoba ziyisibusi­so esivela kuNkulunku­lu.

“Ingane engihlale ngishutha nayo ngiyifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ngekadadew­ethu, ngelinye ilanga ngiyafisa ukushada kodwa kangijahil­e ngenxa yomsebenzi engiwenzay­o,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? YAYINHLE imbali sengathi ingahlala isevasini yami eceleni kombhede, ngilokhu ngiyithi jeqe nje besekuthi cosololo! Le ntokazi nguSiphiwe­kahle Mbalenhle Mbambo (20) waKwaMakhu­tha, umodela ngaphansi kwe-Under Platinum Modelling Agency.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU YAYINHLE imbali sengathi ingahlala isevasini yami eceleni kombhede, ngilokhu ngiyithi jeqe nje besekuthi cosololo! Le ntokazi nguSiphiwe­kahle Mbalenhle Mbambo (20) waKwaMakhu­tha, umodela ngaphansi kwe-Under Platinum Modelling Agency.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDJ Cindo uthi uyazifela ngokuzikhi­pha uma engekho matasa ngomsebenz­i wakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDJ Cindo uthi uyazifela ngokuzikhi­pha uma engekho matasa ngomsebenz­i wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa