IGUBHE IMINYAKA EMITHATHU INSIMBINI LIFESTYLE

Ilanga - - Ziyawa - KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews.co.za

LUGUJWE ngegqomu engasukumi phansi usuku lokuqeda iminyaka emithathu yasungulwa indawo yobumnandi, iNsimbini Lifestyle eFolweni ngoMgqibelo ebusuku kwaze kwasa ekuseni.

Le ndawo, esizakhele igama kwezobumnandi, isibalwa neziphambili eThekwini.

Imenenja yale ndawo, uDJ Pinky, ithe: “Sibone ukuthi asibonge kuMdali nasemphakathini osixhasile selokhu sayivula le ndawo. Kasigcini nje ngokuthokozisa abantu kepha sibuye sifake isandla emphakathini ikakhulukazi emindenini entulayo.

“Kukhona ngisho abafundi abambalwa esibalekelelayo ezidingweni zabo zemfundo.”

Abagqamile abebenandisa kulo mcimbi nguDJ Cndo, Sox noMadanon.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.