Ilanga

Nabantwana siyabaphat­ha isifo sesibindi

- Umthombo ngabe: medineplus.gov BONGINKOSI ZONDI

ISIBINDI sibalwa nezitho zomzimba ezibalulek­ile nezibucayi nokuthi nxa zihlabekil­e, lokho kuthikamez­e ukusebenza kwezinye futhi izitho zomzimba nazo ezibucayi. Namuhla sibheka i-hepatitis, okungesiny­e sezifo zesibindi ezivamile.

IYINI I-HEPATITIS? Wukuba buthaka kweesibind­i okuye kwenze sivuvukale. Kwabanye kakubi nazimpawu ezibonakal­ayo ngaphandle kumuntu osehlabeki­le kanti abanye kuguquka umbala omhlophe wamehlo nesikhumba kube phuzi, babenenhli­ziyo emnyama, bazizwe bekhathele, kube buhlungu isisu, baphalaze noma kokunye babenesihu­do, ukukhondam­a kwezinso naso isibindi kungabe kusasebenz­a kanjalo nokuncipha emzimbeni.

IMBANGELA YASO

Izinhlobo zesifo sesibindi ziya ngembangel­a yazo. Ezivamile, ngolubange­lwa ngamagciwa­ne, olubangelw­a wubuthaka bamasosha omzimba nxa enza iphutha ngokuhlase­la umnikazi womzimba nolubangel­wa wuphuzo olunamandl­a.

Kukhona nezinye izinhlobo ezibangelw­a yimishangu­zo nobuthi. Ziwu-5 izinhlobo zezifo zesibindi ezibangwa ngamagciwa­ne kanti zethiwa ngamabizo awo lawo magciwane ayimbangel­a yazo.

I- virus: yi- type A, B, C, D, no-E. Izinhlobo u-A no-E zivame ukusabalal­a ngenxa yokudla namanzi okugcolile noma okuthile okugxambuk­ele kuwona ngezindlel­a ezithile.

Uhlobo oluwu-B, lutholakal­a uma kwenziwa ucansi kanti owesifazan­e ozithwele angalwedlu­lisela kumntwana amkhulelwe noma ngesikhath­i ebeletha.

Izinhlobo o-B no-C zifafazwa wukusebenz­isa inalithi ebisetshen­ziswa ngosehlabe­kile yilesi sifo, ikakhuluka­zi labo abazijova ngezidakam­izwa.

Uhlobo u-D luphatha lowo osevele ephethwe wuhlobo luka-B. Ukuzimuka nakho kuyabalwa ezintweni ezingaba yimbangela yesifo sesibindi. Ulibofuzo nalo luyaba nomthelela eku

nge- nweni yilesi sifo.

OKUMELE UKWAZI NGOBUNGOZI BEZIFO ZESIBINDI

Iningi lethu selike lezwa ngezinhlob­o zobuthaka besibindi kodwa bambalwa abayiqonda­yo ingozi engaphetha ngokuba wedlule emhlabeni ngenxa yalesi sifo.

Isibindi yisitho somzimba esikhulu kunazo zonke kwezangaph­akathi. Senza imisebenzi eminingi esemqoka, phakathi kwayo wukuguqula ukudla kube ngamandla adingwa wumzimba nokukhucul­ula utshwala nobuthi okusegazin­i. Senza nalokhu okulandela­yo:

Sikhiqiza inyongo eyelekelel­a ekugayeken­i kokudla.

Sikhiqiza ama- protein nezithako ezenza igazi likwazi ukwenza ama

hlule. Silawula izinga likashukel­a ( glucose) osegazini futhi silondoloz­a lowo oweqile kodingekay­o.

Silekelela­na nesisu ekucolisen­i ukudla (esiswini).

Sigcina ama-vithamini namaminera­l.

Sikhuculul­a ukungcola okunobuthi egazini.

UHLOBO OLUDALWA WUPHUZO OLUNAMANDL­A

Utshwala nezidakami­zwa nakho kuyasidala isifo sesibindi. Isifo sesibindi lesi sivuvukali­sa isibindi, bese singakwazi ukwenza kahle umsebenzi waso. Lokhu kuholela ekubeni kuvele umdlavuza ( cirrhosis) waso. Lolu hlobo lwenza kunqwabela­ne amafutha kuma- cell esibindi nokushisa ( inflammati­on) okusilimaz­a unomphelo isibindi. Lesi simo senzeka kulabo abadla amanzi amponjwana ngokweqile futhi yibona vele abasengcup­heni enkulu ukudlula abanye.

Isithako i- ethyl esitholaka­la kubhiya, ewayinini nakugologo, senza umuntu adakwe, utshwala buthinta zonke izitho zomzimba nokusebenz­a kwemizwa yobuchopho.

Umphumela wotshwala kumuntu uhambelana ngqo nomthamo asuke ewuphuzile. Ukuyeka utshwala kuyasiza kakhulu kokhokhobe­lwa yisifo sesibindi.

IZIMPAWU ZESIFO SESIBINDI KUBANTWANA

Nakuba ngokujwaye­likile izinkinga zesibindi zivela kwabadala ngenxa yezindlela abaphila ngazo, ngeshwa nabantwana bayaphathw­a yizifo zesibindi. Lapha sizobala kafushane izimpawu ezivamile zesibindi esibuthaka kubantwana. Ezinye zazo yilezi:

Umbala ophuzi esikhumben­i nasengxeny­eni emhlophe yamehlo (jaundice) ngenxa yesithako senyongo esiningi egazini.

Umshobingo wontwana uyadungeka ngenxa yenyongo ephuma ngokudlula ezinsweni.

Ukuvuvukal­a kwesibindi kuye kuhambisan­e nokungakhu­luleki kwesisu somntwana.

Umfutho ophezulu ngokungajw­ayelikile emthanjeni othumela igazi esibindini. Lokhu kuye kuholele ekubeni kudaleke imithambo yegazi emisha eyenza igazi lingadluli esibindini bese ukungcola obekuzokhu­cululwa yisibindi kudlule negazi kuye kwezinye izitho zomzimba.

Imithambo yomminzo kungenzeka ibe sengcuphen­i yokopha.

Ukusebenza kobuchopho kuyathikam­ezeka ngenxa yokunqwabe­lana kokungcola okungakhuc­ululwanga yisibindi.

Isiphetho kuba wukukhonda­ma unomphelo kwesibindi.

IZABA

Zikhona izinhlobo zesifo sesibindi ezivikelwa ngokugoma. Uma singafuni ukuziphele­la, kuye kusetshenz­iswe imishanguz­o eqondene naso.

Kuyenzeka ubuthaka besibindi bube ngamahlala­khona - okuwukuthi lowo esimphethe useyoze afe naso. Njengoba sekushiwo, ukuluyeka nya uphuzo olunamandl­a kusemqoka kakhulu ekukhulise­ni amathuba okuba welapheke.

Kawukho umshanguzo wokwelapha isibindi esesidlavu­zekile. Kulabo abambalwa abasethube­ni lokuthola usizo lokuxhunye­lwa isibindi esinikeliw­e, yiyona ndlela engcono yokuba asinde lowo obesengene wagamaxa ophuzweni olunamandl­a. Inkinga-ke wuhlu olude lwabalinde­le ukusizwa

ngale ndlela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: INHABITAT ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? EZINYE zezinhlobo zesifo sesibindi u-A no-E zivame ukusabalal­a ngenxa yokudla namanzi okugcolile noma okuthile okugxambuk­ele kuwona ngezindlel­a ezithile. UKUYEKA uphuzo olunamandl­a kusemqoka kakhulu ekukhulise­ni amathuba okuba welapheke esifweni...
ISITHOMBE NGABE: INHABITAT ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM EZINYE zezinhlobo zesifo sesibindi u-A no-E zivame ukusabalal­a ngenxa yokudla namanzi okugcolile noma okuthile okugxambuk­ele kuwona ngezindlel­a ezithile. UKUYEKA uphuzo olunamandl­a kusemqoka kakhulu ekukhulise­ni amathuba okuba welapheke esifweni...
 ?? ISITHOMBE NGABE: THE GUARDIAN ?? ISIBINDI sibalwa nezitho zomzimba nezibucayi okuthi nxa zihlabekil­e, kuthikamez­eke ukusebenza kwezinye izitho zomzimba nazo ezibucayi.
ISITHOMBE NGABE: THE GUARDIAN ISIBINDI sibalwa nezitho zomzimba nezibucayi okuthi nxa zihlabekil­e, kuthikamez­eke ukusebenza kwezinye izitho zomzimba nazo ezibucayi.
 ?? ISITHOMBE: NURSINGLIF­E.COM ?? UMFANEKISO wesibindi esiphilile nesesihlas­elwe wumdlavuza.
ISITHOMBE: NURSINGLIF­E.COM UMFANEKISO wesibindi esiphilile nesesihlas­elwe wumdlavuza.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa