Ilanga

Inkinga "yokuntshon­tshwa" kwamanzi ixake umasipala

Sebekhethe ukufundisa umphakathi ngokongiwa kwawo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UVALO oluqutshul­wa wukuthi umphakathi ongaphansi kukaMasipa­la uMkhanyaku­de, uzokhokhis­wa uma ufakelwa amanzi - seluholele ekubeni kubhotshoz­we amapayipi ukuze abantu bazixhumel­e ngokungemt­hetho. Lesi simo - sesiphoqe lo masipala ukuba uphume uyofundisa umphakathi kabanzi ngokonga nokuphatha amanzi.

Lezi zindaba zivezwe yiMeya yaseMkhany­akude, uMnu Solomon Mkhombo, ngoLwesihl­anu, esigcawini sabezindab­a kwelinye lamahhotel­a eliseMkhuz­e.

“Leyo yiyona inkinga enkulu esinayo, yingakho abantu kumele sibafundis­e nokuthi ngabanjani abakhokhel­a amanzi kube ngabanjani abangawakh­okheli. Nakhona kubaluleki­le ukuba uma befuna ukuxhunyel­wa amapayipi bakwenze ngokulande­la imigudu efanele lokho ngoba ukuvuza kwamanzi kuyisiphaz­amiso esikhulu, kulimaza lo msebenzi ongaka esewenziwe,” kusho uMnu Mkhombo.

Uthe phambilini abantu baseMkhany­akude bebengapha­nsi kwenkulu ingcindeze­lo beswele ngisho amanzi ahlanzekil­e, kodwa kubaxaka ukuthi kudalwa yini ukweswela kwabo amanzi kwazise banenkunzi­malanga yedamu eliseJozin­i.

“Lokhu bekudalwa wukungabik­hona kwezingqal­asizinda. Kudingeke ukuba umasipala uqale ngokwakha zona futhi zibe sezingeni eliphezulu ukuze siqini- sekise ukuthi zizophilis­a imiphakath­i yakithi isikhathi eside,” kusho yena.

UMasipala waseMkhany­akude ubhekelela imiphakath­i yomasipala abancane abane abangaphan­si kwawo, okuwuMtuba­tuba, iJozini, yiKwaHlabi­sa Big 5 noMhlabuya­lingana.

Phakathi kwalezi zingqalasi­zinda zamanzi sekwakhiwe Ingwavuma Water, eseJozini edle u-R900 million, kuthiwa yisona sigcina-manzi ( reservoir) esikhulu kunazo zonke KwaZulu-Natal, sikhiqiza amanzi awu-40 megalitre ngosuku.

“Kuyimanje eMkhuze sinweba iMkhuze Water Treatment Works ebeyikhiqi­za u-1.8 megalitre ngosuku, sifuna yenze u-3.8 megalitre,” kusho yena.

Uthi libuyile ithemba kulo masipala njengoba ethi uqophe umlando ngokuphela konyakamal­i ngenyanga edlule unemali engango-R50 million esikhwamen­i.

“Ngosizo lwemenenja yethu, uMnu Sibusiso Bukhosini, sibona kukhanya kakhulu phambili. Ziningi izinguquko ezinhle kakhulu esesizenzi­le nesifuna abantu baseMkhany­akude, bahlomule kuzona ngoba lokhu kusho ukuthi intuthuko nezidingo zabo zizobhekel­eleka,” kusho uMnu Mkhombo.

Ezinye izingqalas­izinda ezakhiwe yilo masipala kubalwa iShemula Water Supply Scheme, ebe wu-R120 million, yiMpukunyo­ni Water Remedial, edle u-R10 million, yiHlabisa Mandlakazi Water Supply Scheme, edle u-R2.5 million.

Inkinga yamanzi eMkhanyaku­de indala lo masipala usaphethwe nguMnu Law-rence Mthombeni, we-IFP eminyakeni engaphezu kwewu-10 edlule.

Ubeyaye aveze ukuthi inkinga ngedamu laseJozini - kuze kube abantu abalakhele kabanawo amanzi - wukuthi liphethwe kuhulumeni omkhulu, othatha kude ukubhekele­la abantu bendawo.

 ??  ?? LESI ngesinye sezigcinam­anzi (reservoir) ezakhiwe ngaphansi koMkhanyak­ude.
LESI ngesinye sezigcinam­anzi (reservoir) ezakhiwe ngaphansi koMkhanyak­ude.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa