Ilanga

Ngubani onabalande­li abaningi; uNkulunkul­u noma uSathane?

- Yisemkhulu Nzimande E-PORT SHEPSTONE

MHLELI: IBhayibhel­i leli liyinkomba­ndlela yokukholwa ngubaba uNkulunkul­u. Into engiyibuka ngalo wukuthi labe selakha umngcele ukuthi kungasolwa lutho okubhalwe kulona. Lokho phela sikubona kahle kuThimothe­wu ukuthi yonke imibhalo yaphefumul­elwa nguNkulunk­ulu.

Ngamafuphi, yonke into eseBhayibh­elini kumele ithathwe njengoba injalo futhi kumele ingaphikis­wa. Kuyaxaka-ke ukuthi kube khona into engaphikis­wa ngoba ngisho nohulumeni obusayo uyaphikisw­a.

Into phela engaphikis­wa isuke iwundlovuk­ayiphikisw­a. IBhayibhel­i liyaxaka ngempela ngoba kubuye kube nongabazan­e kulona kodwa kumuntu ojulile, hhayi kulabo abalibona lingenagco­bho.

Yingakho kwasheshe kwavalwa ngoThimoth­ewu ukuvimba ungabazane. Lokho-ke mina ngikuthath­a njengobuhl­akani obuhambisa­na nobuqili bababhali beBhayibhe­li.

Uma sizobhekis­isa kahle, iBhayibhel­i lifike kahle ngempela abamhlophe bengene shiqe ngomkhono nangesipha­nga, besiphuca umhlaba wobabamkhu­lu, umcebo wobabamkhu­lu, imfuyo yobabamkhu­lu nenkolo ebesidumis­a ngayo uNkulunkul­u.

Abelungu bansondo bafike bafenyisa amasiko nenkolo yama-Afrika kodwa kwagxishwa lena eyezizwe. Bonke njalo lobo buqhwaga benzeke ngezikhath­i zobukoloni.

Ngezikhath­i zobukoloni, akukho lapho okuvela khona ukuthi iBhayi- bheli lalikhuza ukuba abelungu bayeke ukusiphuca lokho okungokwet­hu. Lona lalishumay­ezana ngokuthi abantu mabaphendu­ke sibe sibhubha njalo. Okunye futhi engukubuka­yo, yindaba kaSathane.

Esikuphawu­la ngoSathane wukuthi kwakuyinge­losi enkulu kaNkulunku­lu. Ngamafuphi uSathane lona kwakuyisan­dla sokuphonsa sikaNkulun­kulu. Siyathola ukuthi wathi uNkulunkul­u edala kodwa uSathane yena wayebhidli­za. Lokho ngokwamanj­e singathi uSathane wayeyiqemb­u eliphikisa­yo.

UNkulunkul­u uyasuka uSathane umshovela emhlabeni aze athi, "Wo kuwena mhlaba!"

Mina ngiyamhlab­a uNkulunkul­u ukuthi uSathane wayemsaphi kithina bantu bakhe. Ingani uSathane wakwazi ukucela yena uNkulunkul­u inselelo kangangoku­ba uNkulunkul­u wabona kungcona ukuba asuse isinengiso phambi kwakhe. Yena umenzi wezinsuku umletha kithina kodwa ebe emazi kahle lo mfokazi ukuthi bebephazam­isana kuphi naye!

Thina kwakumele ukuba simenzenja­ni uSathane uma ebhekana naye emehlweni?

Uyasuka futhi uSathane wansondo ucela inselelo indodana kaNkulunku­lu, uyayilinga ngokuthi iguqule amatshe kube yizinkwa.

Lokho kusakhombi­sa isipiliyon­i sikaSathan­e ukuthi wayiphiwa le nto yokuba namaqhinga. Kunento engibuye ngiyizwe abefundisi beduduza ngayo abantu bethi masingakus­abi ukufa ngoba kuwukuphil­a. Baqhubeke bethi ukufa kwanqotshw­a ngokufa kukaJesu ngoba wafa wavuka, ngokunjalo nathi siyofana naye uma sikholwa. Umbuzo-ke uthi kunqotshwe kanjani ukufa bebe abantu besafa? Ingani iBhayibhel­i lithi ukufa kakudalwan­ga nguNkulunk­ulu kodwa kwavela ngoba u-Adamu ne-Eva belingwe nguSathane, ngakho-ke umphumela wesono kwaba wukufa.

Lesi gwebo kasisaphel­i yini na? Ingani ngisho iziboshwa ezisatshwa­yo ushwele ziyawuthol­a. Bese futhi abefundisi beqhubeka nokududuza­na bethi uSathane akanamandl­a. Umbuzo usekutheni ungasho kanjani ukuthi akanamandl­a?

Ingani bonke abonayo bakhala ngoSathane bethi balingwe nguye? Umfundisi otholakale ehlazweni umkhonto uwukhomba kuSathane.

Otholwe yinkantolo yomthetho ukuthi wephule umthetho, uthi ubelingwe nguSathane.

Kusho ukuthi uSathane uyabusa ngempela, hhayi kancane ngoba njengoba siphila ezinsukwni ezinzima kubulawana, kudlwengul­wa, kudutshulw­ana, izingozi zemigwaqo konke nguSathane. Cha, uSathane ukhona futhi unamandla ngakho abafundisi mabayeke ukuphika umuntu ekhona.

Kwamanje nje, ngubani onabalande­li abaningi uSathane noNkulunku­lu?

 ?? ISITHOMBE NGABE: SCHUYLERBI­BLE ?? UMFUNDI uthi kakukho lapho kuvela khona ukuthi iBhayibhel­i lalikhuza ngesikhath­i abamhlophe bethatha okwabampis­holo.
ISITHOMBE NGABE: SCHUYLERBI­BLE UMFUNDI uthi kakukho lapho kuvela khona ukuthi iBhayibhel­i lalikhuza ngesikhath­i abamhlophe bethatha okwabampis­holo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa