Ilanga

Ingwadla yehhovisi lomqoqi wentela

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

KWAMBULEKE elinye ikhasi ngokusabal­ala nokujula kwenkohlak­alo osekukhulu­nywe kakhulu ngayo eNingizimu Afrika ngesikhath­i kuchitheka igula lemiyalezo ye- e-mail okuphathek­a kuyona amagama ezelamani zomndeni wakwaGupta nelikaMnu Tom Moyane, osamisiwe kwesokuba ngukhomish­ana weSouth African Revenue Services (Sars).

Okuthusayo ngalolu phenyo, yisithombe esivelayo sokuthi isithinta nehhovisi elibucayi njengelome­mukeli wentela.

Okuyikhona okukhathaz­ayo ngalokhu, wukuthi namanje akakabikho­na onesithomb­e esiphelele ngomonakal­o okhona nosazoba khona njengoba cishe usuku nosuku kuvela amanyala ngokukhwat­shaniswa kwemali obekwenzek­a ezigabeni eziningi zikahulume­ni.

Lokhu sekuphoqe uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba asungule ikhomishin­i eholwa yiJaji Robert Nugent ukuze liphenye ngenkohlak­alo okusolwa ukuthi ibiyenzeka ngesikhath­i sekufike uMnu Moyane kwaSars.

Okunye phakathi kwezinto eziwumonak­alo esezenzeki­le kubikwa ukuthi:

kusukela ngoMbasa (April) 2014 kuze kube ngoNdasa (March) 2018 kuphethe uMnu Tom Moyane, umonakalo odalekile usuwenze leli hhovisi lasilela ngo-R50 billion emalini obekufanel­e liyiqoqe;

ukulahleke­lwa kwezwe nehhovisi lomamukeli wentela - ngenxa yokuphatha budlabha nokugxambu­kela kwezepolit­iki okuhambisa­na nobugebeng­u - kulinganis­elwa ku R142 billion. Mhlawumbe kungenzeka lokhu kuguquke nxa sekuvela amanye amahlazo ayo belu le nkohlakalo.

ukuncipha kwesibalo sezisebenz­i kuleli hhovisi kukhubaza imizamo yalo yokulwa nokugeleza kwemali kahulumeni ngezindlel­a zobumnyama, okwenza kuhushuke umnotho olinganise­lwa ezigidini ngezigidi zamarandi.

Phakathi kwababiziw­e ukuyofakaz­a kule khomishini yeJaji uNugent, nguNgqongq­oshe wezemaBhiz­inisi kaHulumeni, uMnu Pravin Gordhan, oke waba yisikhulu esengamele kwaSars ngaphambi kokuba abeyilungu lekhabhine­thi.

Osekuvelil­e kulolu phenyo wukuthi abasebenza ngaphansi kwehhovisi lomqoqi wentela bebephansi kwesimo sokwesaba nokwesatsh­iswa.

Okunye futhi okumangali­sile kule khomishini wukubona omunye wabaholi be-Economic Freedom Fighters (EFF), u-Adv Dali Mpofu, emele uMnu Moyane. Sezizwakel­e izigi zika-Adv Mpofu - ngokubika kwabe-Eye Witness News - ekhononda ngokuthi uphenyo lwakwaSars oseluqalil­e kaluliphet­he ngobulungi­swa ikilayenti lakhe (uMnu Moyane).

Uthi lunjalo nje, lugcwele luchichima uhubhu kabhejane, ubona ukuthi empeleni kakufanele luqhubeke. Ukhomba ngenjumban­e izikhulu zakwaSars ebezinukek­a kulokho okwaziwa njengesige­jane esingalawu­leki (rogue unit) akholwa wukuthi yizona ezigqugquz­ele lolu phenyo.

Kukho lokho kukhononda, ugagula ngegama uMnu Gordhan, akholwa wukuthi unegqubu noMnu Moyane, eliphathel­ene nobutha obuphakath­i kwabo ziqu. IJaji Nugent liyakuchit­ha okushiwo ngu-Adv Mpofu ngelithi ubufakazi bakhe buncike ezinkulumw­eni eziyinzwab­ethi.

U-Adv Mpofu umile kwelokuthi lokhu kuyiqiniso, ikilayenti lakhe elingazese­ka ngokuthi le khomi- shini ichemile. Kakukabona­kali ukuthi sizoba yini isiphetho salolu daba.

Kulindelek­e ukuba iJaji Nugent likhiphe isinqumo salo ngalolu phenyo namuhla ngoMsombul­uko ngo-14h00.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE ?? UMNU Tom Moyane omisiwe kwesokuba ngukhomish­ana wakwaSars.
ISITHOMBE NGABE: TIMESLIVE UMNU Tom Moyane omisiwe kwesokuba ngukhomish­ana wakwaSars.
 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWVOICE ?? UMMELI kaMnu Moyane, u-Adv Dali Mpofu, ukhomba ngenjumban­e izikhulu zakwaSars ebezinukek­a kwi-rogue unit.
ISITHOMBE NGABE: NEWVOICE UMMELI kaMnu Moyane, u-Adv Dali Mpofu, ukhomba ngenjumban­e izikhulu zakwaSars ebezinukek­a kwi-rogue unit.
 ?? ISITHOMBE NGABE: M&G ?? IJAJI Robert Nugent liyakuchit­ha okushiwo ku-Adv Dali Mpofu.
ISITHOMBE NGABE: M&G IJAJI Robert Nugent liyakuchit­ha okushiwo ku-Adv Dali Mpofu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa