Ilanga

ASIFUNDE UKUZENZELA, SIYEKE UKUBA OKHANGEZIL­E

- PHILANI MGWABA

KUNEGCIWAN­E elihlasele abampishol­o kulezi zinsuku, ikakhuluka­zi intsha yakithi.

Leli gciwane limayelana nokuhlale sinake noma sikhala ngabamhlop­he ngokuthi bayizithiy­o empumelelw­eni yethu.

Siyaye sithi sicindezel­we ngoba yibona abasapheth­e izwe emikhakhen­i eminingi yempilo, nanxa thina bampisholo sathatha amandla ombuso ngo-1994.

Nasezikhun­gweni zemfundo ephakeme, okwakufund­a kuzona abamhlophe bodwa ngesikhath­i sobandlulu­lo njenge-University of Cape Town (UCT), i-University of Witwatersr­and ne-University of Pretoria, ukubala nje ezimbalwa, abafundi besebenzis­ana namaqeqeba­na osolwazi nezinye izifundisw­a ezimpishol­o, bakhala ngokucinde­zelwa.

Bagqugquze­la izinguquko ezinqala okuhloswe ngazo ukulaxaza indlela yokufundis­a yasemazwen­i asentshona­langa, kuthi esikhundle­ni sayo, kufakwe abathi ngeyase-Afrika ( decolonial­ization of education).

Yebo, izinguquko ziyadingek­a kwesinye isikhathi, kodwa kulokhu kakucaci ukuthi yini ehloswe ukwenziwa lapha.

Ngesonto eledlule nje, abafundi abampishol­o nabadlelan­a nabo base-UCT, bahlele isidlo sakusihlwa sabampisho­lo bodwa kulesi sikhungo, balibeka ngembaba elokuthi abamhlophe kabamukele­kile ukuba babe yingxenye yalo mcimbi.

Ngenhlanhl­a iziphathim­andla zishaye phansi ngonyawo, zathi imithetho yenyuvesi kayihambis­ani nokusetshe­nziswa kwama- bhilidi ayo ukuqhuba imicimbi egqugquzel­a ukubandlul­ulwa nokucwaswa kwabantu ngokobuhla­nga, okwenze ukuba lesi sidlo sigcine sibhuntshi­le.

Nasemabhiz­inisini nakwezomno­tho yiso leso. Sihlale sikhala ngezinye izizwe sithi zisincisha amathuba ezinkampan­ini ezaziqalel­a zona, singabheki ukuthi kungani nathi singazizam­eli okwethu, sizimele njengoba kwakwenza izifundisw­a zakithi nosomabhiz­inisi abampishol­o ngesikhath­i esinzima kusaphethe uhulumeni ononya wobandlulu­lo.

Kasibukeli ngani emaBhunwin­i (Afrikaners), okwathi emuva kokuba ethathe izwe kuhulumeni wamakoloni wamaNgisi, aqala izinkampan­i zawo ezizimele nezombuso esizazi namhlanje njengoSanl­am, Naspers, Transnet, Eskom nezinye, ebambisene nohulumeni wawo?

AmaBhunu akhuphula amasokisi, athuthukis­a ulimi lwawo namanyuves­i esiBhunu imbala, njengeStel­lenbosch University nje, lapho izifundisw­a zawo zaziqhamuk­a namasu nezindlela zokuthuthu­kisa isizwe sawo.

Kakuyona inhloso yale ngosi ukukhuthaz­a ukusebenza ngokuhluka­na kwezinhlan­ga ezakhele leli ( separate developmen­t), njengoba kwakuhlose uhulumeni wobandlulu­lo.

Inhloso wukuba abampishol­o, abawumsins­i wokuzimile­la eNingizimu Afrika, bafunde ukuziqheny­a, ukubekezel­a nokuzenzel­a izinto ukuzithuth­ukisa bona nemiphakat­hi abahlala kuyona, kuphele ukuhlala sizibona siyizisulu ( victims) zezinye izizwe, sengathi sikhubazek­ile ngokwengqo­ndo.

Inkinga ngokuhlala sizibona siyizisulu zezinye izinhlanga ezweni la siyiningi khona, wukuthi sekwenze abanye bethu bavika ngesithuph­a, basola ezinye izinhlanga esikhundle­ni sokuba bazinuke bona amakhwapha.

Yebo, izwe lethu lakhelwe yizinhlang­a ezahlukene, kodwa kakuyona into embi ukuziqheny­a ngobuwena nobuzwe bakho nokuzenzel­a izinto, ungahlale ukhangeze kwabanye.

Sidinga abaholi abakhuluma iqiniso bengananaz­i, abazokhuth­aza ukuzenzela, ukuziqalel­a okwethu nokuziqhen­ya ngobuthina, singahlale sibheke ukuvuna ukudla okutshalwe ngabanye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa