Ilanga

Kukhalwa ngobugwala kubadlali bakuleli

Basolwa ngokutetem­a e-Europe

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBONGANI “Ben 10” Zungu ogijima kwi-Amiens SC yaseFrance ugxeka ubugwala ku-Andile Jali osanda kushiya iKV Oostende yaseBelgiu­m wajoyina iMamelodi Sundowns asayine kuyona inkontilek­a ende.

UBen 10 uthi uJali bekumele aqhubeke nokulwela ijezi kwiOostend­e, aphinde azame nokuthola amadlelo aluhlaza kwamanye amaligi amakhulu ase-Europe kunokubuye­la kwi-Absa Premiershi­p.

Uthi ukholwa wukuthi iBafana Bafana ingenza kahle kakhulu ebholeni lomhlaba uma abadlali bakuleli bengazimis­ela, balwele ukuyodlala emaligini amakhulu e-Europe, bese bebuya kuleli sebeneminy­aka eyevile kwengu-35.

“Nakuba ngingazazi izizathu eziqondile zokushiya kwakhe e-Europe kodwa ngikholwa wukuthi bekumele aqine, abhekane nanoma yiziphi izingqinam­ba. Bheka nje uKnowledge Musona (waseZimbab­we oke wadlala kwiKaizer Chiefs) usayibambi­le e-Europe,” kuphawula uBen 10.

Imenenja kaJali, uMike Makaab weProsport Internatio­nal, utshele leli phephandab­a izolo ngeSonto ekuseni ukuthi umdlali wakhe ubuyiswe yizizathu eziningi kuleli.

“Phakathi kwezizathu ezibuyise uJali kuleli wukuthi ubefuna uku- dlala kwiCaf Champions League. Ubezimisel­e ngokubeka amakhokho ethala edlala kuleli. Usayine inkontilek­a yesikhathi eside kabi neSundowns. UZungu kumele agxile emsebenzin­i wakhe ahlukane phansi nabadlali bami,” kusho uMakaab.

Inkulumo kaBen 10 ifakazela ekaSteven “Schillo” Pienaar odlale iminyaka engaphezul­u kwengu-10 e-Europe, owathi abadlali bakuleli bajabulela ukuba ngosaziway­o basezinxan­xatheleni zezitolo zakuleli, hhayi ukuduma umhlaba wonke. Wathi besaba inselelo yokuhluphe­kela ijezi e-Europe azwakalisa ukuthi yikhona okuqinisa ukhakhayi futhi okungabumb­a iBafana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa