Ilanga

INJABULO KWI-KZNA NGABAQOKEL­WE KWEYOMHLAB­A

- MZWAMANDLA ZONDI

INJABULO kuMengamel­i weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSello Mokoena abasubathi besifundaz­we abane beqokelwa emidlalwen­i yoMhlaba eyahlukene.

UZakithi Nene noCassidy Williamson baqokelwe kwi-Athletics World Cup ezokuba mhla ka-14 kuya ku-15 kuNtulikaz­i (July) eLondon, kanti uBongumusa Mthembu oyingqwele yeComrades Marathon noNkosinat­hi Duma ongene endaweni yeshumi bazomela elakuleli kwi-Internatio­nal Associatio­n of Ultrarunne­rs (IAU) 100km engoMandul­o (September) eCroatia.

UZakithi noCassidy bazokube benza iRelay eLondon. Ngemuva kwemidlalo yaseLondon uZakithi noCassidy bazomela elakuleli kwiCAA Track and Field eNigeria ngoNcwaba (August). UZakithi usesikhung­weni seKZNA esizinze eThekwini.

“Ngijabule kakhulu ngokuqokwa kwabasubat­hi besifundaz­we ukumela iNingizimu Afrika emidlalwen­i yomhlaba. Ngibonga kakhulu ukusebenzi­sana okuhle noMnyango WezeMidlal­o wesifundaz­we. Ngaphandle kwawo kasikho ndawo. UMthembu wenze kahle kakhulu evikela isicoco seComrades ekubeni wagila izimanga eSpain ngo-2016 ebuya nesiliva kwi-100km. Kangingaba­zi ukuthi uzoqhubeka lapho egcine khona.

“UDuma wenza kahle emabangeni amade, ngiyacaban­ga ukuthi uzosivala isikhala esivuleke ngesikhath­i kushona uSimphiwe Ndlela obelithemb­a lethu. Ngibonga kakhulu nabaqeqesh­i bethu abasebenza ngokuzikha­ndla ikakhuluka­zi uMichael Seme osesikhung­weni sethu esiseNewca­stle,” kusho uMokoena.

Selilonke iqembu lakuleli eliya eLondon lididiyelw­e kanje, kwabesilis­a: u-Akani Simbine; uClarence Munyai; uDerrick Mokaleng; uReinhart van Rensburg; uJerry Motsau; u-Antonio Alkana; uLindsey Hanekom; uChris Moleya; uNeil Giliomee; uLuvo Manyonga; uKgotso Mokoena; u-Orazio Cremona; uVictor Hogan; uTshepang Makhethe; uPhilmar Janse van Rensburg; uRosco Engel; uHenricho Bruintjies noZakhithi Nene.

Kwabesifaz­ane: uCarina Horn; uJustine Palframan; uCaster Semenya; uRikenette Steenkamp; uWenda Nel; uJulia du Plessis; uChristy Nell; uLynique Beneke; uPatience Ntshingila; u-Ischke Senekal; uMargo Chene Pretorius; uSunette Viljoen; uTebogo Mamatu; uLente Pieterse; uCassidy Williamson; uTamsin Thomas; u-Ariane Nel noRorisang Ramonye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa