Ilanga

Uqiniswe idolo ngumfowabo ngeBucs

UNsimbi uyala uThami ukuzibamba ziqine

- PHILANI NCALANE

USIYABONGA “Nsimbi” Sangweni uqinisa idolo umfowabo, uThami, odonsa kanzima ukuthola isikimu kwi-Orlando Pirates ayijoyine ngesizini edlule esuka kwiChippa United.

USiyabonga uthi kumqoka ukuba uThami angabanaki abantu abamgxekay­o, kodwa azazi yena ukuthi usayinele ukuyokwenz­ani kwiPirates.

“UThami ngihlale ngixoxa naye. KwiPirates iyashisa insimbi. Kumqoka ukuba azinikele ngokuphind­iwe nxa enikwa elinye ithuba.

"Akumele aziqhathan­ise nami ngoba mina bengidlala emuva yena udlala esiswini. KwiPirates kudingeka umuntu onenkani, ongaliphon­si kalula ithawula.

"UThami kuningi asazokwenz­ela iPirates, yinqobo nje nxa ekholelwa kuyena futhi ezethemba,” kusho uNsimbi.

UThami kubukeka ehluleka IRUSSIA iqhubekile nokujabuli­sa abalandeli bayo ihlula iSpain ngo-4-3 sekukhahle­lwa amaphenath­i emdlalweni wesigaba sika-last 16 kwiNdebe yoMhlaba eqhubeka kuleliya lizwe. Umdlalo uphele kungu-1-1 ingekho evuma ukugoba uphondo. ISpain kubukeka kuqhubeke ishobolo layo leminyaka njengoba ingakaze ihlule osokhaya emidlalwen­i yalo mqhudelwan­o. Leli qembu lixoshe umqeqeshi, uJulen Lopetegui sekusele usuku olulodwa ukuba kuqale le midlalo ngoba eseqashwe yiReal Madrid yaseSpain. Igijime le midlalo seyiholwa nguFernand­o Hierro.

Kweminye imidlalo yesigaba sika-last 16, i-Uruguay ihlule iPortugal ngo2-1 kwathi iFrance yaxebula i-Argentina ngo-4-3 ngoMgqibel­o. IFrance ne-Uruguay bazobhekan­a kwi-quarter-final kanti iRussia isizodlala nonqobe phakathi kweCroatia neDenmark abagijime izolo ebusuku. ukuzakhela igama emakilabhi­ni amakhulu aseGauteng kwazise eminyakeni embalwa edlule usayiniswe yiMamelodi Sundowns esuka kumaZulu FC ayevutha engabaselw­e kuwona futhi egijima naseqenjin­i lesizwe lakuleli, iBafana Bafana.

Nokho waboshelwa emidlalwen­i embalwa maqede waphenduka ukudla kwebhentsh­i.

Ujoyine iBucs eyinsika kwiChippa njengoba nakhona esefana nefenisha kule kilabhu ecijwa nguMilutin “Micho” Sredojevic osizwa nguRhulani Mokwena oyisithand­wa sabadlali abaningi njengoba ethathwa njengojene­ne ekubakhuth­azeni ukukhipha lonke ikhono abanalo enkundleni, futhi bexhumana kalula naye.

UNsimbi ubehlele iSiyabonga Sangweni Youth Month Celebratio­n and Mayoral Sports Day eqale ngoLwesine yasongwa izolo ngeSonto eMpangeni.

UNsimbi uthi uyayibona indawo kaThulani “Tyson” Hlatshwayo kwiBucs. UHlatshway­o uyisitobha seBidvest Wits osekunesik­hathi eside emataniswa nePirates.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UTHAMSANQA Sangweni ongumdlali we-Orlando Pirates ayijoyine ngesizini edlule esuka kwiChippa United.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UTHAMSANQA Sangweni ongumdlali we-Orlando Pirates ayijoyine ngesizini edlule esuka kwiChippa United.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa