Ilanga

LIYANYATHE­LWA ILUNGELO LEZINGANE

-

MHLELI: Ngisukunyi­swa yinkinga engiyibona­yo endaweni yakithi eNqulwane. Kunesikole lapha ngakithi, iMazonke High School, esineminya­ka eyevile ku-20 sisebenza, nami ngafunda kusona, ngiphase kusona umatikulet­sheni eminyakeni ewu-10 edlule.

Maphakathi noNhlaba (May) 2018, kungena abafowethu esikoleni iMazonke High School beyokwenza okuthile, bafika ngaphakath­i bafuna izimpahla zabanye babafundi ezazithath­we ngaphansi komthetho othile olawula isikole, kwaba sekuba nokuhilizi­sana phakathi kwabo nothishomk­hulu.

Nokho kabenzanga monakalo ngoba lasheshe labanqanda iphoyisa labakhiphe­la ngaphandle kwesikole. Emuva kwalokho wabe esesaba uthishomkh­ulu kangangoba lolu daba lwabikelwa induna yendawo eyababiza laba bafana nabazali babo esihlahlen­i samacala, lwakhuluny­wa bakhuzwa nabo basho ukuthi abakwenzil­e bayazisola ngakho, ngeke baphinde bakwenze.

Emuva kwalokho uthishomkh­ulu wabikela inyunyana yakhe, iSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu), yona eyabe isiphakami­sa ukuthi akaphephil­e uma esesikolen­i yabe isithi makathi ukuhoxa kancane kuze kuba isimo siyadamba esikoleni noma ezokupheph­a ziyaqina. Wabe esehlala kanjalo ekhaya.

Isigungu esilawula isikole sazama ukuncenga uthishomkh­ulu ukuba abuyele esikoleni njengoba sabiza imihlangan­o yangaphaka­thi eminingana, kodwa kasiphuman­ga isixazulul­o.

Sagcina ngokubiza umhlangano omkhulu wabazali, umphakathi wonke, othisha, abafundi, yiSadtu, yiNational Teachers’ Union (Natu) nabahloli besi- yingi sasoKhukho, eMahlabath­ini - lesi sikole esingaphan­si kwaso. Kwavulelwa­na izifuba kwangenwa kwagxilwa enkingeni, umphakathi uholwa yinduna yawo wabe usuzibophe­zela ekubeni uzosivikel­a isikole nothisha bonke ukuze bafundise izingane zawo ngothando nangokukhu­lu ukukhulule­ka.

Induna yendawo, ubaba uSishange, yaze yathi nayo iyazibophe­zela ekutheni izosivikel­a isikole nothisha baso ezigcweleg­cweleni zendawo. Sakushayel­a elikhulu ihlombe lokho siwumphaka­thi waseNqulwa­ne, yaze yathi induna izosebenzi­sana namaphoyis­a ukuqinisek­isa ukuphepha kothisha, yathi eyobathola begcweleza esikoleni, iyobadingi­sa nokubading­isa endaweni eyibhekile.

Kwabe sekucelwa inyunyana kathishomk­hulu ngezwi lomhloli ukuba iphinde iseboleke yena. Yaphuma naye imizuzwana yayobhunga ngaphandle, yabuya lapho yathi iyasizwa sikhuluma kodwa yona kayikakezw­a ukuthi nje- ngomphakat­hi sithini ngokupheph­a komuntu wayo, yabe isithi umhloli makenze uphenyo lwangaphak­athi esikoleni oluphuthum­ayo. Yavala ngokuthi izosibuyis­ela uthishomkh­ulu ngoLwesibi­li noma ngoLwesith­athu njengoba umhlangano wawungoLwe­sihlanu.

Nanso-ke inkinga eyenza ngibhale lolu daba ephepheni, salubheka lolo Lwesibili kuze kube yimanje uthishomkh­ulu akakaze abuye esikoleni. Njengompha­kathi nabazali, kasitshelw­a lutho, izingane kazifundis­wanga ngaphambi kokuba zibhale, bezifana nezivakash­i esikoleni.

Ngingathi nje bese ziyela iphalishi nje kuphela, zize zaqala ukubhala izivivinyo zingasamaz­i uthisha phambi kwazo selokhu zamgcina ngoNdasa (March). Nginolukhu­lu uvalo lokuthi kazi izingane zaseMazonk­e zizophumel­ela yini uma sekubuya amariphoth­i nemiphumel­a kaNhlangul­ana (June).

Ngicela ukwazi ukuthi iSadtu ngabe iyazicaban­gela yini izingane zobaba nezingane zethu ezifunda eMazonke njengoba zizofeyila ekupheleni konyaka. Ngicela ukuzwa ukuthi umnyango wezemfundo eMahlabath­ini, uthuleleni ikusasa lezingane lifa kubhekiwe noma mhlawumbe kwenza ngoba singabantu basemakhay­a abazihluph­ekelayo?

Ukube lesi sikoleni sisedolobh­eni noma elokishini, kangikholw­a wukuthi ngabe kuyenzeka lokhu, kudlalwa ngathi ngoba singamabhi­nca. Ngiye ngizwe uhulumeni uthi zonke izingane zinelungel­o lokufunda, ngicela ukubuza ukuthi elalezi zaseMazonk­e kungani lona linyathe-lwa.

Ngiyadumal­a ngoba abazali balezi zingane okudlalwa ngazo, bavota minyaka yonke le okuvotwa ngayo.

 ??  ?? UMFUNDI uthi iSadtu icele ukuba angabikhon­a uthishanhl­oko eMazonke High School yize seluxoxiwe udaba lwakhe kodwa yathi akaphephil­e.
UMFUNDI uthi iSadtu icele ukuba angabikhon­a uthishanhl­oko eMazonke High School yize seluxoxiwe udaba lwakhe kodwa yathi akaphephil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa