KUBHEKWE EYEZILOMO "ZANDAWONYE" KOWE-FRANCE NE-URUGUAY

Ilanga - - Ezemidlalo -

KULINDELEKE ukuba kubukwe izilomo ze-Atletico Madrid yaseSpain emdlalweni we- quarter final yeNdebe yoMhlaba eqhathe iFrance ne-Uruguay kusasa ngoLwesihlanu ngo-16h00 eRussia.

U-Antoine Griezmann ongumgadli weFrance, uzokube ebhekene noJose Gimenez noDiego Godin base-Uruguay agijima nabo kwiMadrid. UGodin oneminyaka engu-32 ubudala noGimenez bawukhonkolo maphakathi emuva. Basavuzise igoli elilodwa nje vo selokhu kuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba.

I-Uruguay iwuqale ngegiya eliphansi lo mqhudelwano ivalela igoli ngemizuzu yokugcina ihlula i-Egypt ngo-1-0 kowokuvula.

I-Uruguay isayinqobe yonke imidlalo emine esayigijimile kulo mqhudelwano. Endleleni ebheke kwi- last 16, inenebule iRussia engosokhaya ngo-3-0, kanti yiyona yodwa esahlule iRussia nayo engagayelwa mphako kulo mqhudelwano.

Lo mdlalo yiwona ovivinye iRussia ngaphambi kokuba ibhekane neSpain kowe- last 16 egcine iwunqobe ngo-4-3 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuba umdla- lo uphele zibambele ngo-1-1.

I-Uruguay ikhombisile ukuthi kayisinisi amahleza kulo mqhudelwano ixebula iPortugal ngo-2-1 emdlalweni we-last 16.

I-Uruguay bekuthiwa izothwala kanzima kulo mdlalo kwazise iPortugal ibigabe ngoCristiano Ronaldo oye kulo mdlalo esevalele amagoli amane kulo mqhudelwano.

Womabili amagoli e-Uruguay avalelwe ngu-Edinson Cavani. Lo mgadli ubambisene noLuis Suarez phambili, kanti bayinkinga kubadlali basemuva. NeFrance kayizacile phambili njengoba beyinkinga uKylian Mbappe weParis SaintGermain noGriezmann. Abahlaziyi abaningi bathi iFrance akumele iyithathe kancane i-Uruguay ngoba ingazithola isiphoxeka kalula. IFrance ihlule i-Argentina ngo-4-3 esigabeni se- last 16, kanti bekuqapheleka ukuthi i-Argentina iyinhlakanhlaka.

U-Oscar Tabarez ongumqeqeshi we-Uruguay, uthi uyazi ukuthi iFrance iqine kuphi.

“IFrance imandla kakhulu phambili. Abagadli bayo bayingozi kakhulu. Usuke uzifaka engozini nxa uyivumela ukuba idlale ngokukhululeka. Sesinalo uhlelo esizosebenza ngalo kulo mdlalo,” kusho lo mqeqeshi oselolonge i-Uruguay iminyaka engu-12.

Kulo mqhudelwano wanonyaka uFernando Muslera ongunozinti noSuarez bahlanganise imidlalo engu-100 eqenjini lesizwe.

UTabarez ugabe ngabadlali abanesipiliyoni njengoba uCavani esedlale imidlalo engu-105 eqenjini lesizwe. UCavani unokuthinteka, kanti uma engalulami ngokushesha, indawo yakhe izothathwa nguCristhian Stuani osedlalele iqembu lesizwe amahlandla angu-42, okuyisibalo esincane ngemidlalo engu-16 kwesigijinywe nguGriezmann.

Emuva baholwa nguGodin osegijime imidlalo engu-121. UDiego Laxalt odlala esiswini, uhambe emazwini kaTabarez. Uthi benza isiqiniseko sokuthi izitha kazichachazi phezu kwabo. Uthi benza impilo yabagadli bezitha ibe lukhuni satshe. Yize ekhuluma ngalolu hlobo, kodwa i-Uruguay yiyona yodwa esathole ikhadi elilodwa eliphuzi kulo mqhudelwano. Leli khadi litholwe nguRodrigo Bentancur.

U-ANTOINE Griezmann weFrance

UDIEGO Godin we-Uruguay

UJOSE Gimenez we-Uruguay

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.