ISAYINISE ABANOHLONZE I-EAGLES

Ilanga - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

ILANDA abadlali abanohlonze iRoyal Eagles ezimisele ngokudla ubhedu ngesizini ezokwethwasa kwiNational First Division (NFD) ukungena ishishiliza kwi-Absa Premiership.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi le kilabhu eholwa nguShauwn noSbu Mpisane, isiqede konke noLesvin “Bolla” Stoffels ongumgadli obegijima kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila, uSimphiwe Tshabalala olihlikihla esiswini ophuma kwiHighlands Park noMbulelo Strydom Wambi obegijima kwiChippa United.

Laba badlali kulindeleke ukuba benze omkhulu umehluko yize kusenabanye abangase bafike ngaphambi kokuphela kwaleli sonto. Kuthiwa abalandeli bebhola bazothuka ngohlu oluphelele lwabadlali abasha beEagles kwazise abakwaMpisane sebefuna ukuyibona igijima esigabeni esikhulu.

UJames “Matatazela” Dlamini oyiMenenja jikelele, ye-Eagles uvumile ukuthi sebesayinise laba badlali. Nokho ukugcizelele ukuthi kabaqedile, basekhona nabanye abasazobafaka emabhukwini ale kilabhu ecijwa nguRoger Sikhakhane onerekhodi elihle lokunyusela kwiPremiership iChippa neThanda Royal Zulu ngokwahlukana.

UDlamini uqhube ngokuthi babuye basayinisa uBongani Chikila obegijima kwi-EC Bees edlala kwiSouth African Football Association (Safa) Eastern Cape ABC Motsepe League.

“Ukuhamba kukaBoikanyo Komane kusilimaze kakhulu kodwa yimpilo yasebholeni, kumele siqhubekele phambili. Ngenhlanhla enkulu umqeqeshi wethu washeshe wasincinza ngohlobo lwabadlali abadingayo ukuqinisa iqembu. Ngikholwa wukuthi sisamudinga umgadli okhaliphile ozokwazi ukusiza laba abakhona,” kusho uDlamini oncoma kakhulu ukukwazi ukudlala izindawo eziningi kukaWambi noStoffels.

Uthi basezingxoxweni namaZulu FC zokuboleka kule kilabhu uLungelo “Qashane” Dlamini akholwa wukuthi angaba wusizo olukhulu kwi-Eagles.

* Kuzo ezeNFD, iRichards Bay FC ephethwe nguSifiso “Jomo” Biyela idedele uGregory Roelf ongumgadli kwathi iWitbank Spurs yethula abaqeqeshi abasha, uSunday Chidzambwa noRainham Gumbo abadabuka eZimbabwe. UChidzambwa uke wacija iBlack Leopards phambilini njengoba esekhuza ibuya eNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.