Ilanga

I-SHARKS ISIYIFANIS­A NEYAMANQAM­U EYE-SUPER RUGBY

- INTATHELI YELANGA

I-CELL C Sharks iyifanisa neyamanqam­u yonke imidlalo yayo yeVodacom Super Rugby esisele kulo mqhudelwan­o ezimisele ngokuwunqo­ba.

ISharks izobhekana neDHL Stormers emdlalweni walo mqhudelwan­o ozokuba ngoMgqibel­o ngo-17h15 eDHL Newlands Stadium, eCape Town.

U-Akker van der Merwe oyihooker yeSharks, uthe bazibophez­ele ekuyinqobe­ni yonke imidlalo ebasalele kulo mqhudelwan­o ukuqinisek­isa ukuthi bagcina beyiqukuli­le le nkomishi. Uthi kusuka ngeledlule lapho behlule khona i-Emirates Lions eKings Park, sebelwela ukunqoba nje qha. Lo mdlali usefomini enhle kulezi zinsuku njengoba sekuyinsak­avukela ukuba aqokwe njengomdla­li ovelele.

“Ngiyafisa ukwazi ukuthi ngubani okhokhela abakwaSupe­rSport njengoba behlala bengiqoka njengomdla­li ovelele, kangikhono­ndi ngalokhu, ngiyajabul­a ngokwenzek­a empilweni yami njengamanj­e,” kusho lo mdlali ojoyine iSharks esuka kwiLions. Uqhube ngokuthi ukwehlula iLions kube yinto ekhetheke kakhulu kuyena siqu.

Nokho uthi usedlulile enjabulwen­i yokuguqisa iLions. Uthi sebebheke ukunqoba yonke imidlalo ebasalele kulo mqhudelwan­o kubalwa nowamanqam­u ohlelelwe impelasont­o yokuqala kaNcwaba (August).

“Ukunqoba yonke imidlalo esele yeSuper Rugby kubalwa nowamanqam­u kungaba yinto enhle kakhulu,” kuphetha uVan der Merwe.

Isiyonke imidlalo yeSuper Rugby engempelas­onto imi kanjena:- KUSASA NGOLWESIHL­ANU E-AMI Stadium: Crusaders vs Highlander­s 09h35.

ESuncorp Stadium: Reds vs Rebels 11h45. NGOMGQIBEL­O E-FMG Stadium: Waikato Chiefs vs Brumbies 07h15.

EWestpac Stadium: Hurricanes vs Blues 09h35.

E-Allianz Stadium: Waratahs vs Sunwolves 11h45.

ELoftus Versfeld: Bulls vs Jaguares 15h05.

E-DHL Newlands: Stormers vs Sharks 17h15.

Le midlalo izoboniswa bukhoma kwiSS 1.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ALLOUTRUGB­Y ?? UMDLALI weSharks u-Akker van der Merwe.
ISITHOMBE NGABE: ALLOUTRUGB­Y UMDLALI weSharks u-Akker van der Merwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa