U-TAU USEFUNWA NGO-R50 MILLION

Ilanga - - Ezemidlalo -

IBRIGHTON & Hove Albion yase-England seyibeke etafuleni u-R50 million wokuthenga uPercy Tau, osalelwe yinkontileka yonyaka kwiMamelodi Sundowns. Le kilabhu kuthiwa yimali yokugcina lena esiyibeke etafuleni kungenjalo izolinda uMasingana (January) bese imsayinisa mahhala inkontileka yesibambiso uTau ukuze imthole bhusende ngokuphela kwesizini ezayo. Kuthiwa iBrighton ibekele iDowns umnqamulajuqu wamahora angu-24 ukusayina. UTau usabambe isiteleka sakhe yedwa njengoba engalubhadi ejimini yeDowns, ecikwa wukungadedelwa yizikhulu yize zamthembisa. IDowns igilekile ishiywa mahhala nguKhama Billiat osejoyine iKaizer Chiefs, emuva kokuba le kilabhu inqabe ukumdayisa ngo-R18-million kwi-FK Qarabaq yase-Azerbaiijan ngoMasingana. Kuvela ukuthi ingase ilahlekelwe nangu-Anthony Laffor.

Uhlehliswe ngemizuzu yokugcina umcimbi wokwethulela abezindaba iKZN Charity Shield Cup, ebihlelelwe ukugijinywa ngoMgqibelo womhlaka-28 kuNtulikazi (July) eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Abagqugquzeli balo mqhudelwano, bathe bazobuye bayethule ngosuku olungakaziwa le midlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.