EZINTSHA NGOFUDUKO LWABADLALI BE-PSL

Ilanga - - Ezemidlalo -

KUSEMNYAMA ngekusasa likaJabu Shongwe oxoshwe yiLamontville Golden Arrows ngokuphela kwesizini esanda kusongwa. UShongwe ubezama inhlanhla kwiMaritzburg United kodwa izingxoxo zaphelela emoyeni. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguJazzman Mahlakgane ophe-the izindaba zikaShongwe.

UKeagan Buchanan kuthiwa uchaze uFadlu Davids ongumqeqeshi weMaritzburg ejimini, kanti u-Edmore Chirambadare uchithiwe kwiTeam of Choice ngenxa yesibalo sabadlali bokufika. Bobabili uBuchanan noChirambadare basanda kuxoshwa yiChiefs ebolekise ngo-Emmanuel Letlotlo kwiBaroka FC esanda kusayinisa uDavid Zulu ophuma kwiRoyal Eagles.

IBloemfontein Celtic itelekelwe ngabadlali ngenxa yokungaholi. Lesi siteleka siqale ngoLwesibili ngenxa yokungaholi ngenyanga edlule.

UGavin Hunt ongumqeqeshi weBidvest Wits ucasulwe yimibiko eyamanisa ukaputeni wezakhe, uThulani Hlatshwayo, ne-Orlando Pirates. Uthi lo mdlali unenkontileka ende nale kilabhu esikhulule uDaine Klate.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.