ISITHOLAKELE INGANE EBESE KUPHELE INYANGA IDUKILE

Ilanga - - Izindaba - PAMELA ZUNGU

ITHOLAKELE ingane yowesifazane waseMthwalume eduke mhla zimbili kuNhlangulana (June), okusolwa ukuthi ibiyebiwe nguninalume ongumzala kanina ehlangene nentombi yakhe.

ILANGA like labika ngokuduka kukaLuyanda Simanane ( osesithombeni) onezinyanga ezintathu ubudala, ontshontshwe elele nonina embhedeni.

Utholwe ngamaphoyisa ngoL- wesine ekuseni eLamontville lapho abebekwe khona kanti uninalume, uMnu Lungelo Simanane, uboshwe ngalo uLwesine, intombi yakhe kuthiwa isagcwele amathafa.

Unina kaLuyanda, uNkz Vuyisile Simanane (21), utshele ILANGA ukuthi ingane yakhe ingeniswe esibhedlela ngoLwesine njengoba itholwe ingekho esimeni esihle. Uthi yize isesibhedlela, kodwa uyajabula ukuthi itholakale iphila.

“Ngibonga ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa. Ubuthongo bese bungehli njengo- ba bengingazi ukuthi (uLuyanda) ukuphi nokuthi usaphila yini.

"Emuva kokuntshontshelwa ingane, isimo sempilo yami kasibanga sihle, ngingeniswe esibhedlela ngenxa yengcindezi. Sengingcono nami njengoba uLuyanda esetholakele, sengiphumile nasesibhedlela,” kusho uNkz Simanane. Utshele ILANGA ukuthi ufuna umzala wakhe nentombi yakhe bajeziswe ngabakwezile.

“Siwumndeni sisahlukumezekile ngento eyenzeke enganeni. Kumele umthetho uthumele umyalezo oqinile nakwabanye abacabanga ukwenza okufana nalokhu,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe ingane itholwe ngamaphoyisa ngoLwesine eLamontville isimo sempilo singesihle. Uthe umsolwa, uMnu Simanane, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe ngoLwesihlanu, uzophinde avele namuhla ngoMsombuluko. Umsolwa wesibili usafunwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.