BADELE AMAKHAZA NEMVULA

Ilanga - - Ziyasha - LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IMVULA yehlulekile wukuphazamisa izinhlelo zabathandi bobumnandi ngoLwesihlanu e-Artizen Lounge, KwaMashu lapho bekunomcimbi obizwa ngeKasi July Mayhem.

Abathandi benjabulo baphuzile ukufika kulo mcimbi njengoba kuqale ukugcwala seliyogamanxa eleshumi nanye. NgoLwesihlanu beliyidliva kodwa ngokuhamba kwesikhathi kugcine sekuphelile ukuna abathandi benjabu- lo baqala basondela.

Nakuba bekungagcwele njengonyaka owedlule, kodwa bakwazile abantu ukufika bajuxuze kwaze kwacishe kwasa. Kulo mcimbi bekuboshelwe abaculi noDJ abanohlonze okubalwa kubo uFeyi, uT'zozo, uMondli Ngcobo, uMlindo The Vocalist, uTipcee noDladla Mshunqisi

KoDJ bekuboshelwe uMerlon, uTira, uSjerere, uWonder, uKotin obengumhleli walo mcimbi, uSithelo The DJ obeqala ukubonakala eklwebha amapuleti nabanye.

Lo mcimbi ubuwandulelwa ngowedumela, iVodacom Durban July lapho bekugcwele osaziwayo nabathandi bemfashini abehlukene.

UKotin utshele ILANGA ukuthi nakuba kungagcwalanga njengonyaka owedlule kulo mcimbi, kodwa ukujabulele ukwenzeka kwawo.

“Ngibonga ukwesekwa engikutholile kubantu baKwaMashu namaphethelo. Siyethemba ukuthi ngonyaka ozayo izulu lizosivuma,” kusho lo DJ.

ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU

UDJ Kotini noSithelo Shozi beklwebha amapuleti kwiKasi Mayhem, e-Artizen Lounge, KwaMashu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.