UMQEQESHI WE-FRANCE AKAGCULISEKILE

Ilanga - - Ezemidlalo -

AKAKAGCULISEKI ngezinga labadlali bakhe uDidier Deschamps ( osesithombeni) ongumqeqeshi weFrance ehlule i-Uruguay ngo-2-1 emdlalweni wequarter- final yeNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu eRussia.

IFrance isizodudulana neBelgium eguqise iBrazil ngo-2-1 esigabeni esifanayo. Umdlalo weFrance neBelgium uzokuba kusasa ngoLwesibili ngo-20h00.

UDeschamps uthi abadlali bakhe kuningi abangakwenza kulo mqhudelwano. Uthi yize ehlule amazwe anzima esigabeni somkhumulajezi, kodwa usadinga okuningi kubadlali bakhe.

“Asikakafiki kuleli zinga engilifunayo. Indlela esidlale ngayo sihlula i-Uruguay ibingcono kunangesikhathi sihlula i-Argentina emdlalweni we- last 16. Siyakhula umdlalo nomdlalo. Angikwazi ukubajaha abadlali bami ngoba basebancane ngeminyaka yobudala.

"Ukubagxisha izinto eziningi kungenza baxhamazele,” kusho lo mqeqeshi obeyibambe esiswini iFrance iqukula iNdebe yoMhlaba ngo-1998 khona eFrance.

IFrance ikhishwe kuma- quarterfinal kwiNdebe yoMhlaba eBrazil ngo-2014, kanti ngo-2016 ihlulelwe ekhaya yiPortugal kowamanqamu we-Euro 2016.

UDeschamps osekunesikhathi eside ehleli ebhentshini leFrance, uthi imethusile indlela iBelgium enenebule ngayo iBrazil.

“IBelgium ibophele ulozolo lwabadlali. Kuzomele sizibambe ziqine ukuze sikwazi ukudlula kuyona. Ngicabanga ukuthi sizolenyusa kakhulu izinga kulo mdlalo ngoba abafana bami ngibabona benza kangcono umdlalo ngamunye ngokulandelana kwayo,” kusho lo mqeqeshi.

URoberto Martinez ongumqeqeshi weBelgium, uthi abadlali bakhe bakulungele ukubhekana nanoma ngabe yiliphi izwe kulo mqhudelwano ozosongwa ngowamanqamu ozokuba ngeSonto mhla ka-15 kwephezulu eRussia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.