OWE-BUCS UZOHAMBELA UMCIMBI WE-SAB ETHEKWINI

Ilanga - - Ezemidlalo -

SIZOQALA ukukhempa ngoLwesihlanu isikwati saKwaZulu-Natal esizobamba iqhaza emidlalweni yeSAB League National U/21 Championship ezoqala mhla ka-16 isongwe mhla ka-22 kwephezulu eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Zonke izikwati zizotheleka eThekwini ngoMsombuluko mhla ka-15, kanti zizogoba amadlangala eCoastlands Hotel ngasolwandle. IKwaZulu-Natal bekumele ilolongwe nguSiboniso Vilakazi kodwa wahoxiswa njengoba ezoqhuba iKZN Academy ohambweni lwasePortugal olungqubuzanayo nemidlalo yeSAB. Izinhlelo zemidlalo yeSAB zizo- kwethulwa namuhla ngoMsombuluko ekuseni eMoses Mabhida Stadium.

Umcimbi wokwethulwa kwale midlalo uzohanjelwa nguRhulani Mokwena ongumsizi womqeqeshi we-Orlando Pirates noSiphesihle Ndlovu ongumdlali weMaritzburg United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.