BATHUMELE UMLAYEZO OSHUBILE KWI-ENGLAND

Ilanga - - Ezemidlalo -

UTHUMELE umlayezo oshubile uZlatko Dalic ongumqeqeshi weCroatia kuGareth Southgate ololonga i-England abaqhathwe nayo emdlalweni we- semi-final yeNdebe yoMhlaba ngoLwesithathu ngo-20h00 eRussia.

ICroatia iwashise ijezi osokhaya iRussia emdlalweni we- quarter

final ngoMgqibelo ebusuku inqoba ngo-4-3 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuba umdlalo uphele zibambene ngo-2-2. I-England ingene kuma- semi-final ngokuhlula kalula iSweden kuba ngu-2-0 ngoMgqibelo ntambama.

UDalic uthi inzima i-England kodwa izokuba senkingeni uma iza kubona ihambela phezulu ngokuba yizwe elikhulu kunabo kunobhutshuzwayo.

“Wonke amazwe abethishwa ukunqoba iNdebe yoMhlaba asegodukile manje. Kayisekho imfivilithi. Noma ngubani angayinqoba iNdebe yoMhlaba kula mazwe amane asesele. I-England akumele ilindele umdlalo kithina, kodwa kumele izilungiselele impi. Sizokulwa ngakho konke esinakho ukuze sifinyelele kowamanqamu,” kusho lo mqeqeshi.

ICroatia nakwi- last 16 inqobe ngamaphenathi ihlula iDenmark kuba ngu-3-2 ngemuva kokuba umdlalo uphele zibambene ngo-11.

IFrance izodudalana neBelgium kwi- semi-final yokuqala ezokuba kusasa ngoLwesibili ngo-20h00. IFrance ihlule i-Uruguay ngo-2-0, kanti iBelgium iwashise ijezi iBrazil iyihlula ngo-2-1 esigabeni samaquarter- final.

USouthgate uthi izokuba nzima iCroatia, kodwa ngeke bayivumele ukuba ime endleleni yabo. Lo mqeqeshi ufake i-England kumasemi- final ngemuva kweminyaka engu-28 ingangeni kulesi sigaba. Ukugila kwakhe izimanga kwenze wahalaliselwa ngokukhethekile nguPrince William onguMengameli weFootball Association, okuyinhlangano ephethe unobhutshuzwayo e-England.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ICROATIA izibekisele indawo kwi-semi-final yeNdebe yoMhlaba ngokuguqisa osokhaya, iRussia ngo-4-3 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo ebusuku emdlalweni ophele zibambene ngo-2-2.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.