ABESIFAZANE BATHI SEKWANELE NGOKUHLUKUNYEZWA
KUNXENXWA abesifazane baKwaZulu-Natal ukuba baphume ngobuningi babo mhla lulunye kuNcwaba (August) babeyingxenye yemashi yabesifazane ebizwa nge-#TotalShutdown eqondene nokulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane ngabesilisa abathandana nabo.
Omunye wabahleli bale mashi KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uthi izosukela enkundleni yezemidlalo iCurries Fountain, ize iyophela eCity Hall, eThekwini. Uthi ihlelwe ukuba yenzeke umhlaba wonke ngawo umhla ka-1 kuNcwaba.
“Simema nabesilisa ukuba mabaphume ngobuningi babo bazoseseka,” kusho uNkk Ndelu. Uthi izigameko ezishaqisayo zokubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane ngabantu abathandana nabo, osekubikwe ngazo kwabezindaba, yizona ezibenze basukuma bengabesifazane bazwakalisa ilaka labo.
Uthe bamema bonke abesifazane noma ngabe bakumuphi umkhakha, ukuba babe yingxenye yale mashi.
“Sikusho lokhu ngoba bonke abantu babhekene nezinkinga ezifana nalezi (zokuhlukunyezwa).
Ukuhlukunyezwa kwabesifazane ungakubukela kude nawe okwamanje, uzitshele ukuthi kawuhlukumezekile noma kasikho isihlobo sakho esibhekene nale nkinga, kodwa iqiniso lithi baningi abantu abahlukumezekile bengazi.
“Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kwenzeka umzuzu nomzuzu,” kusho uNkk Ndelu.
Uthi isigameko sokubulawa kukaNkz Zolile Khumalo ngokuqala kukaNhlaba (May) - ummangalelwa yisoka lakhe, okumanje uboshiwe - uNkz Karabo Mokoena naye obulawe yisoka lakhe qede lashisa isidumbu sakhe lasilahla ngesezaleni ngezinye ezibasukumisile.
Simema nabesilisa ukuba ngobuningi...