Ilanga

ABESIFAZAN­E BATHI SEKWANELE NGOKUHLUKU­NYEZWA

- NOMFUNDO NGWANE

KUNXENXWA abesifazan­e baKwaZulu-Natal ukuba baphume ngobuningi babo mhla lulunye kuNcwaba (August) babeyingxe­nye yemashi yabesifaza­ne ebizwa nge-#TotalShutd­own eqondene nokulwa nokuhlukun­yezwa nokubulawa kwabesifaz­ane ngabesilis­a abathandan­a nabo.

Omunye wabahleli bale mashi KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uthi izosukela enkundleni yezemidlal­o iCurries Fountain, ize iyophela eCity Hall, eThekwini. Uthi ihlelwe ukuba yenzeke umhlaba wonke ngawo umhla ka-1 kuNcwaba.

“Simema nabesilisa ukuba mabaphume ngobuningi babo bazoseseka,” kusho uNkk Ndelu. Uthi izigameko ezishaqisa­yo zokubulawa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane ngabantu abathandan­a nabo, osekubikwe ngazo kwabezinda­ba, yizona ezibenze basukuma bengabesif­azane bazwakalis­a ilaka labo.

Uthe bamema bonke abesifazan­e noma ngabe bakumuphi umkhakha, ukuba babe yingxenye yale mashi.

“Sikusho lokhu ngoba bonke abantu babhekene nezinkinga ezifana nalezi (zokuhlukun­yezwa).

Ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane ungakubuke­la kude nawe okwamanje, uzitshele ukuthi kawuhlukum­ezekile noma kasikho isihlobo sakho esibhekene nale nkinga, kodwa iqiniso lithi baningi abantu abahlukume­zekile bengazi.

“Ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane kwenzeka umzuzu nomzuzu,” kusho uNkk Ndelu.

Uthi isigameko sokubulawa kukaNkz Zolile Khumalo ngokuqala kukaNhlaba (May) - ummangalel­wa yisoka lakhe, okumanje uboshiwe - uNkz Karabo Mokoena naye obulawe yisoka lakhe qede lashisa isidumbu sakhe lasilahla ngesezalen­i ngezinye ezibasukum­isile.

Simema nabesilisa ukuba ngobuningi...

 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? UNKZ Zolile Khumalo obengumfun­di eMangosuth­u ongumunye wabesifaza­ne ababulawe ngamasoka abo.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM UNKZ Zolile Khumalo obengumfun­di eMangosuth­u ongumunye wabesifaza­ne ababulawe ngamasoka abo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa