YELULELE ISANDLA ABANTULAYO INDODANA YEZINJINGA

Ilanga - - Izindaba - MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthin@ilanganews.co.za

IBUYISELE emphakathini indodana yezinjinga zakwaMpisane ukusiza abaswele ngemuva kokudabuka ibuka usizi olubhekene nendawo yasoNdini namaphethelo.

U-Andile Mpisane (17), oyindodana encane kaNkk Shauwn noMnu Sbu Mpisane, izolo ngoLwesithathu unikele ngokudla nezingubo zokugqoka emphakathini obalelwa ku-250.

U-Andile ophinde abe ngumnikazi wendawo yokuzicwala, iRoyal AM, abe namasheya kwiRoyal Eagles FC, utshele ILANGA izolo ngoLwesithathu ukuthi kuthe ngesikhathi evakashele kule ndawo eyohlwaya abadlali abangajoyina i-Eagles, wabona usizi lwemindeni entulayo.

“Konke kuhambe kahle kakhulu, ngizizwe ngithobekile ngokubamba iqhaza ekufukuleni umphakathi wakithi.

“Ngibone kungcono ukuba ngingasongi izandla kodwa ngenze okubonakalayo emphakathini wasoNdini, kakumnandi ukubona umuntu ongenalutho (ngisonge izandla ngingalekeleli) kodwa kube kukhona engingakuphonsa esivivaneni.

“Kuyiphutha elikhulu ukuba kube nengane elala ingadlile ekubeni sikhona singosomabhizinisi.

“Ngiyafisa ukuba abantu bakuqonde ukuthi konke lokhu ngikwenze ngokubambisana nenkampani engisebenza kuyona (iRoyal AM ne-Eagles)" kusho u-Andile.

ISITHOMBE SITHUNYELWE

UBUYISELE emphakathini ontulayo usomabhizinisi osemncane, u-Andile Mpisane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.