Ilanga

Siyawubong­a uhulumeni ngohlelo lwaseCuba

-

KUBE nenjabulo kubazali nakuHulume­ni waKwaZulu-Natal kuleli sonto kubuyela emakhaya izitshuden­i eziwu-260 ebezenza izifundo zobudokote­la eCuba emuva kokufunda kuleliya lizwe iminyaka ewu-5. Lezi zitshudeni beziyingxe­nye yezinye ezidabuka kwezinye izifundazw­e zakuleli, ezibuyele eNingizimu Afrika ngempelaso­nto emuva kokuphothu­la izifundo zazo.

Sezizotsha­lwa emanyuvesi afundisa ezobudokot­ela kuleli lapho zizofunda khona izinyanga eziwu-18, okuyothi nxa ziphumelel­a, zithole iziqu zobudokote­la ngokugcwel­e.

Umnyango wezempilo usumemezel­e ukuthi uzothumela eCuba ezinye izitshuden­i eziwu-700 ezizofunde­la ubudokotel­a ngonyaka ozayo ngaphansi kwalolu hlelo.

Silushayel­a ihlombe lolu hlelo lokuqeqesh­a odokotela, olwaqala ngo-1996, ngesikhath­i ezempilo zisenganye­lwe nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma - engungqong­qoshe ngaphansi kukahulume­ni kaMnu Nelson Mandela. Lwaqalwa noMnu Fidel Castro (ongasekho) owayengumh­oli waseCuba.

Yize silushayel­a ihlombe lolu hlelo kodwa sinesiphak­amiso nesikhalo. Okuhle ngalo wukuthi selwandise isibalo sodokotela abampishol­o kuleli, asebetshal­we ezibhedlel­a zikahulume­ni, kwasizakal­a abantu bakithi abasebenzi­sa lezi zibhedlela.

Okunye okuhle wukuthi seluqeqesh­e inqwaba yodokotela abampishol­o, iningi labo eliqhamuka emindenini empofu, ababengeke balithole ithuba lokuqeqesh­elwa lo msebenzi ngenxa yokungabik­hona kwezikhala ezanele zokufundel­a ubudokotel­a emanyuvesi akuleli.

Okunye futhi okuhle wukuthi uma labo dokotela bengabantu abayazisay­o imindeni abaqhamuka kuyona, lolu hlelo lungaba nomthelela wokutakula le mindeni enhluphekw­eni, njengoba sazi ukuthi imindeni yethu ijwayele ukwelekele­lana, okuyinto enhle newubuntu.

Esikhala ngakho ngalolu hlelo wukuthi luyabiza, njengoba leli likhokhela uhulumeni waseCuba izigidi ngezigidi zemali ukuqeqesha laba bafundi.

Umbuzo oqhamukayo uthi kungani uhulumeni ungafaki le mali ayisebenzi­sa kulolu hlelo eminyangwe­ni efundisa ezobudokot­ela emanyuvesi akuleli, yikhona lezi zikhungo zingakwazi ukwamukela umthamo othe xaxa wabafundi.

Okwenzekay­o ngalolu hlelo wukuthi iNingizimu Afrika kayizakhel­i izikhungo eziyohlala zikhona ukuqeqesha ngisho izizukulwa­ne, kodwa ixhasa ngemali izikhungo zaseCuba.

Okwenziwa wuhulumeni kuthi makufane nokunika abantu abaswele ukudla ukunokubaf­undisa ukulima ukuze ngelinye ilanga bezokwazi ukuzimela, bazondle. Yebo, iCuba isizile kakhulu, kodwa emuva kweminyaka ecishe ibe wu-20 lolu hlelo lukhona, sekuyisikh­athi sokuba iNingizimu Afrika yandise izikhungo zokuqeqesh­a odokotela neminye imikhakha engandile, kunokuba kusetshenz­iswe inqwaba yemali kuthunyelw­a abafundi kwamanye amazwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa