I-AJAX ISABISA NGOKUMISA EYE-PSL

Ilanga - - Ezemidlalo -

SISABISA ngokumisa ukuqala kwemidlalo yePremier Soccer League (PSL) isikhulu se-Ajax Cape Town esiveze ukuthi kasazi ukuthi kumele silungiselele ukudlala kusiphi isigaba sale nhlangano ngesizini ezayo.

U-Ari Efstathiou ongumnikazi we-Ajax, uthi uzonikela enkantolo kusasa ngoLwesihlanu ukuyothola incwadi yesivimbelo ukuba

U-KG UQASHWE YI-ROYAL EAGLES NJENGEPHINI

UKAGISO “KG” Dikgacoi uqashwe yiRoyal Eagles ukuba yiphini likaRoger Sikhakhane kule kilabhu egijima kwiNational First Division (NFD).

U-KG useqalile ukusebenza kule kilabhu ezimisele ngokulwela ukunyukela kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo. Izindaba zikaKG ziqinisekiswe nguJames “Matatazela” Dlamini oyimenenja ye-Eagles izolo ngoLwesithathu. Uchaze uKG njengofishi omkhulu.

“Kuyiqiniso ukuthi uKG usesethimbeni labaqeqeshi bekilabhu. Ungumuntu othembekile njengoba edlale ngobuqotho kwiLamontville Golden Arrows nakuba amakilabhu ingaqalwa isizini yePSL lungakaxazululwa udaba lokuthi ezakhe kumele ziyibambe kusiphi isigaba. Ngokwesinqumo sakamuva seJaji uDenise Fisher, i-Ajax ikunombolo 15 kwi- log ye-Absa Premiership. Lesi sinqumo siphikisa esathathwa ngu-Advocate William Mokhari sokushovela kwiNational First Division (NFD) le kilabhu emuva kokuba eyiphuce amaphuzu.

UMokhari waphuca i-Ajax amaphuzu eyawathola idlalisa uTendai Ndoro okwenza yagencwa yizembe. IPlatinum Stars yaqeda amakhulu ebemnunusela ngetshe lemali. Lokho kukodwa kuyakhombisa ukuthi ungumuntu ongathemba kuyena. Umatasa ne-Uefa B Licence. UBafana Nhlapo uzoqhubeka nokucija onozinti,” kusho uDlamini.

USiyabonga Shoyisa uzama inhlanhla kwiJomo Cosmos emuva kokudliwa yizembe kwiReal Kings kanti uPhumelele “Ace” Bhengu naye ofakwe amasondo yiKings, uzama inhlanhla kwiMbombela United.

ICape Umoya United iqashe uDominic Isaacs no-Andre Petim njengamasekela amasha kaRoger de Sa ongumqeqeshi aphinde abe ngumnikazi, kanti i-University of Pretoria ixoshe uDaylan Hawes noKyle Koert. kunombolo 15 okwayifaka emidlalweni yokuhlunga eyanqotshwa yiBlack Leopards. I-Ajax ifuna ukuba iphindwe le midlalo. I-PSL inqume ukusiphonsela inselelo isinqumo sikaJaji Fisher. Namuhla ngoLwesine iPSL ibize umhlangano weBoard of Governors (BoG) ukuyazisa ngokuqhubekayo.

U-Efstathiou unqume ukuzwa okuzokwenzeka kulo mhlangano ngaphambi kokuthatha isinqumo sokunikela enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.