KUZOHLAFUNA ABANINGI NGO-RONALDO

Ilanga - - Ezemidlalo -

KUZOHLOMULA namakilabhu akhulise uCristiano “CR7” Ronaldo kwizindodla athengwe ngazo yiJuventus yase-Italy kwiReal Madrid yaseSpain. ISporting Lisbon yasePortugal neManchester United yase-England, bazohlafuna kulokhu kudayiselana njengoba bebambe iqhaza ekukhuliseni lo mdlali. La makilabhu azohlafuna ku-R188 million wemali ehlanganisa ukuthuthukiswa komdlali nokunye. Isiyonke imali ezokhishwa yiJuventus ngalo mdlali iwu-R5.52 billion njengoba esayine inkontileka yeminyaka emine. URonaldo uzohola u-R470 million ngonyaka kuze kuphele iminyaka emine azoyihlala e-Italy. Ngaphambi kokujoyina iMadrid, uRonaldo ubedlala kwiMan United ebilolongwa nguSir Alex Ferguson ngaleso sikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.