KUPHOTHULWA EYASE-KZN YE-COKE

Ilanga - - Ezemidlalo -

SEKUSELE izifunda ezimbili ukuphothula imidlalo yokukhipha izikole ezizogijima emidlalweni yokukhipha ingqwele yeCopa Coca Cola U/15 Cup. Imidlalo yaKwaZulu-Natal izokuba mhla ka-18 kuNcwaba (August) eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Kuthiwa izifunda ezilishumi seziqedile ngemidlalo yeCoca Cola njengoba zingu-12 sezizonke. Sekusele iPinetown ezophothula imidlalo yayo mhla-ka 24 kwephezulu neHarry Gwala yona ezodlala mhla ka-21. Imidlalo kazwelonke izokuba ngoMandulo (September) eBhayi.

ISouth African Schools Football Association (Sasfa) isiqedile ngezinhlelo zemidlalo yeDanone Nations U/12 ezokuba mhla ka-28 kwephezulu eSugar Ray Stadium, eClermont. Imidlalo kazwelonke yeDanone izokuba ngoMandulo eGauteng. - Philani Ncalane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.