Kuqokwe imenenja entsha eMsinga
Sekulindwe ungqongqoshe nencwadi egunyaza lesi sinqumo
IQOKIWE imenenja entsha kaMasipala waseMsinga emuva kokuba lo masipala uke wahlala ungenayo kusukela ngoNhlolanja (February) wanonyaka, emuva kokumiswa yinkantolo kukaMnu Fanozi Sithole obeqhoqhobele lesi sikhundla.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo masipala uke wabhekana ngeziqu zamehlo noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal emuva kokuba (umnyango) uthole ukuthi uMnu Sithole akanazo iziqu ezifanele ukuba angahola umasipala.
Umasipala ubushaya phansi ngonyawo uthi weseka uMnu Sithole noma ngabe iziqu akanazo ngoba uthi unesipiliyoni futhi sekukaningi lo masipala uthola imibiko engenagcobho ngaphansi kobuholi bakhe.
Kuze kwangenelela iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuxazulula ukungaboni ngasolinye phakathi kwalo mnyango nalo masipala.
Inqume ukuba uMnu Sithole noMnu Mbongeleni Ndlovu obengumqondisi ophikweni lwakwa- community ukuba bayohlala ekhaya.
Ikhuluma neLANGA iMeya yaseMsinga, uNkk Buyiswa Ngcobo, ikuqinisekisile ukuthi njengomasipala sebefike esiphethweni ngokuqasha ezikhundleni eziphezulu ebezingenabantu, ezinye bekubanjiwe kuzona.
“Kuyasijabulisa ukuthi njengamanje sesikwazile ukugcina sesiluphothulile uhlelo lokuqashwa kwemenenja, i-Chief Financial Officer (CFO) nomqondisi wakwa- community. Njengamanje sesilindele ukuba kube ngungqongqoshe osinika incwadi egcwalisa lesi sinqumo esithathwe wumkhandlu,” kusho uNkk Ngcobo.
Uthe kulesi sikhundla baqoke uMnu Senzo Sokhela obengumqondisi kwa- technical services kuwona lo masipala.
Kuzokhumbuleka ukuthi nalo igama likaMnu Sokhela lalingasalanga ngaphandle ezikhulwini zalo masipala okwakuthiwa kazinazo izicucu ezifanele ukuba zingaqhoqhobala isikhundla ezazikuzona.
Ngokungenelela komnyango nenkantolo, kube sekutholakala ukuthi unazo iziqu ezifanele, okuthe uma uMnu Sithole ephelelwa wumsebenzi kwabekwa yena izinyanga ezintathu ukuba abambe.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe afikile amaphepha amayelana nalezi zikhundla, adluliselwe ehhovisini lenhloko yomnyango, izowabheka emuva kwalokho iwadlulisele kungqongqoshe.