Masiqaphele indlela esikhuluma ngayo nezingane zethu
UKWAKHA ikhaya nokukhulisa abantwana ngendlela efanele, kuwumsebenzi wabazali bobabili. Ziningi izindlela zokukhulisa abantwana ukuze bagcine benokuzigqaja futhi bakwazi ukukhulisa ezabo izingane.
Kubalulekile ukuba abazali bakuqaphele ukuthi bakhuluma bathini futhi kanjani ezinganeni zabo, kuphakathi kokuba la mazwi abawashoyo ayakha noma ayayilimaza impilo yomntwana.
Isikhathi esiningi emakhaya, obaba baziwa ngokungakhulumi kakhulu kodwa uma beke bavula imilomo, kuvamise ukuba basebenzise amagama ashiya imihuzuko yangunaphakade ezinganeni zabo nasemakhosikazini abo.
Omama bona bavamise ukukhuluma nezingane isikhathi esiningi, besho okuhle nokubi kuzona. Amazwi abajwayele ukuwasebenzisa kuba yilawo akhayo noma bediniwe ngenxa yezenzo ezingezinhle ezenziwe ngabantwana, kodwa bayaye bakugweme ukusho amazwi azofana nesiqalekiso kubantwana babo kunalokho bayazama ukunika ithemba kubona bangababulali ngamazwi abangeke besakwazi ukuwasusa ezingqondweni zabo.
Kuyaye kube sengathi omama banobudlelwano obunokwenzelela nabantwana babo futhi kubukeka sengathi bayabavuna kanti qha, kungenxa yamazwi anika ithemba, ahlale ebafisela okuhle nempumelelo.
Ngake ngabona komunye umndeni kunomncimbi wokubonga owawenziwe ngabantwana bakhona, bewenzele unina.
Engakuqaphela ezinkulumeni zokubonga zalaba bafana, wukuthi babetusa indlela unina ayebasingethe ngayo ebafisela okuhle, ebatshela nokuthi ufisa babe ngokungcono ekusaseni labo.
Yize babebuye bone, bahambe izindlela ezibheke eceleni, kodwa unina wayebamele, ekhuluma ukuphila nempumelelo phezu kwempilo yabo.
Laba bafana baqhakambisa uku- thi bekuthi uma unina ebathethisa, kodwa angakhohlwa wukubeluleka, abatshele amaqiniso empilo okuyiwona azobasiza abenze abantu abangcono kusasa.
Lokhu kwangikhombisa ukuthi abantwana bethu yize bebukeka besebancane, kodwa bayakwazi ukubona umuntu okhuluma nabo njengabantu nalowo okhuluma noma yini nabo futhi angabi nandaba nokuthi lokho akukhulumayo kufika kanjani kubona.
Abanye abazali (obaba nomama) bayaye bathathe ingxabano eyenzeke phakathi kwabo besathandana, bese belwa nezingane besebenzisa amagama amabi kuzona.
Ngalokhu bagcina sebelimaze izingane ngamazwi angalungile ngoba besadinwe yizithandwa zabo zakudala.
Uthole umzali ethi enganeni yakhe “uyisilima kabi wena ufuze unyoko, yingakho nje ngamyeka ngangamshada, ngangingeke ngidlale isiphukuphuku esinjena mina.”
Uzowasho ewaphindelela enganeni ize igcine isizibona iyisilima ngempela.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi la magama akhulunywa kubantu besebancane, kakulula ukuba bawakhohlwe, akhula nabo, abanye bagcina sebephila ngawo.
Uma ingane ihlale itshelwa amagama ayilimazayo, igcina ilahlekelwe wukuzethemba, izibone ingumuntu ongento yalutho, kwesinye isikhathi ikhule inokuzenyeza okudala ukukhubazeka kwekusasa.
Namhlanje kunabantwana abalinyazwa yizinkulumo ezakhulunywa kubo besebancane futhi zangaxoliswa, bakhula nazo baze bakha eyabo imizi beyakhela phezu kwazo.
Uthola ukuthi nemindeni abayakhile inakho ukuthikamezeka ngoba yakhelwe phezu kwesisekelo esinofa lwezinkulumo ezingakhi.
Isikhathi esiningi laba bantwana babanencindezi ekubeni bakhulise kahle ezabo izingane ngoba bakhula begqilazwe yilezi zinkulumo ezakhulunywa nguyise noma unina ngesikhathi beseyizingane.
Kuwumsebenzi wethu singabazali ukuba sikhulume impilo nempumelelo ezinganeni zethu ngoba ngalokho sitshala umcebo wangunaphakade kuzona, oyoba yifa lazo. Umntwana olinyazwe ngabazali bakhe, uba nemihuzuko ejulile kunolinyazwe ngabantu abangangeni kakhulu empilweni yakhe.
Masilugade ulimi lwethu ezinganeni zethu ngoba zingabazali bakusasa futhi ziyosimangalela ngezenzo zazo zakusasa ezikade zitshalwe yizinkulumo zethu zayizolo.