U-BILLIAT UVEZA OKUBULALA I-CHIEFS
Ufice abadlali beziMpofana befe imimoya
UMDLALI osanda kusayiniswa yiKaizer Chiefs okusabhekwe lukhulu kuyena ubhoboka ngezinkinga abona ukuthi yizona ebezibulala le kilabhu.
IChiefs iguqiswe yiMamelodi Sundowns ngo-2-1 koweShell Helix Ultra Cup ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto. Amagoli eDowns abekwe enethini nguJeremy Brockie noThemba Zwane, kwathi eleChiefs lashaywa nguBernard Parker.
UKhama Billiat osanda kusayiniswa yiChiefs esuka kuyona iDowns, bekubhekwe ngabomvu ukuthi uzodlala kanjani uma esebhekene nozakwabo bakudala. Nokho udlale ingcwenga yebhola kangangoba uze waqokwa njengomdlali ovelele. Lo mdlali ube esebhoboka ngabona ukuthi bekubulala abadlali bale kilabhu phambilini.
“Kuyangimangaza ukuthi ikilabhu enjengeChiefs kayizange inqobe lutho kumasizini amathathu wonke uma ubheka indlela eyiyona.
"Izinto lapha zenziwa ngokweqophelo eliphezulu, uyabona nje ukuthi konke kuhlelekile. Kodwa engikuqaphelile wukuthi abadlali abaningi bebefe imimoya kangangoba baze baphelelwa wukuzethemba, uyabona nje ukuthi manje bayabuya kancane kancane.
“Ngokuhamba kwesikhathi bazobuyelwa wukuzethemba. Kodwa-ke kangingabazi ukuthi ngale sizini kukhona esizokuthola uma ngibona abadlali esinabo.
"Phela baseqophelweni eliphezulu,” kusho uBilliat.
Uthi ozakwabo bamsize kakhulu ukubhekana neSundowns asuka kuyona.
“Ozakwethu bangiluleke kakhulu ngaphambi kwalo mdlalo ngoba wonke umuntu ubebhekile ukuthi ngizokwenzenjani.
"Kunzima ukubhekana nabantu obazi njengoba uzazi nabo abakwazi njengoba bezazi. Kodwa ozakwethu bangeseke ngendlela eyisimanga ngakwazi ukubhekana nengcindezi. Yize sehluliwe kodwa inhlansi yethemba ikhona,” kusho uBilliat.