Ilanga

Intukuthek­o kodonse iminyaka (14) engenacala

Uthi ufisa ukuhlangan­a nowesifaza­ne owambophis­a

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UYAFISA ukuhlangan­a nowesifaza­ne athi umbophele amanqina enyathi ngecala lokudlweng­ula, elimenze wabhadla ejele iminyaka ewu-14, okuvele emasontwen­i ambalwa edlule ukuthi wayengalen­zanga nhlobo owesilisa wakwaJ, eMlazi.

UMnu Njabulo Ndlovu (35), obedonsa isigwebo sikadilika­jele ngaleli cala, uthi uyafisa ukuhlangan­a nalona wesifazane noma engeke ambuze ukuthi kungani amhlangani­sa nabantu abamenzaka­lisa.

Uthi njengamanj­e uzama ukuncenga inhliziyo yakhe ukuba imxolele lona wesifazane ngoba ethi noma yisiphi isizathu angasibalu­la, ngeke siyibuyise le minyaka ewu-14 echitheke ebhadla ejele.

Engxoxweni ekhethekil­e ILANGA elibenayo noMnu Ndlovu - elimfice ehleli kubo nabazali bakhe - uthi ukuba sejele kumkhulisi­le kwamenza waba yindoda ekhaliphil­e, kodwa akuyona indawo ayifisela omunye umuntu.

Uphume ejele ngoMsombul­uko ngemuva kokuba inkantolo ithole ukuthi umsulwa ecaleni ayegwetshe­lwe lona.

Kutholakal­e ukuthi yonke le minyaka ebhadla ejele ubehlalele into angayenzan­ga, kunobufaka­zi obuningi obagodlwa ngesikhath­i kuqulwa icala lakhe.

UMnu Ndlovu uphume ejele esezuze iziqu zeBachelor of Law (LLB) aboshwe enza unyaka wesibili kuyona eDurban-Westville University esiwuphiko lwe-University of KwaZulu-Natal.

Akathandi ukuxoxa kakhulu ngokwahole­la ekutheni aboshelwe icala lokudlweng­ula. Icala lamlahla ngo-2005 usuyophela elungisele­la izivivinyo zokuphela konyaka, waze wagwetshwa ngo-2006.

Bekuthiwa leli cala abeligwets­helwe ulenze nabanye abawu-5 - kushintshw­ana ngesisulu. Icala ligcine ligwebe yena nabasolwa ababili, okumanje basengapha­kathi ejele, abathathu baphuma phambili.

Uveze ukuthi ummangali yintombaza­ne abakhule nayo, indala kunaye, abazali babo besebenza ndawonye futhi bebehlala endaweni eyodwa.

“Ukuboshwa kwami kungikhuli­se kakhulu, kuthe noma icala selingilah­lile - yize bengazi ukuthi kangilenza­nga - kodwa benginethe­mba lokuthi ngelinye ilanga iqiniso liyovela. Obekungija­bulisa kakhulu kukhona konke, wukuthi abazali bami bebekholel­wa kimina futhi bengeseka,” kusho yena.

Uveze ukuthi basebenzis­e u-R50 000 kubameli bezama ukuveza ukuthi umsulwa.

UMnu Ndlovu uthi yize engalibamb­ile igqubu ngento emehlele, kodwa usadiniwe, uyadinga ukuthola usizo lokwelulek­wa ngokomqond­o.

“Namanje kangikakho­lwa ukuthi ngisekhaya, ngihleli nabazali bami. Namhlanje ngivuke ngahamba nomama saya esontweni,” kusho uMnu Ndlovu.

Uthi ngesikhath­i egwetshwa, ube nebhadi lokuthi athi efika ejele laseWestvi­lle wangahlala isikhathi eside, wadlulisel­wa eBhongweni, eKokstad, okuyijele elaziwa ngokugcina iziboshwa eziyingozi kakhulu.

Utshele ILANGA ukuthi uchithe iminyaka emithathu eBhongweni.

“Bekunzima ngempela ngesikhath­i ngiseseBho­ngweni ngenxa yokuthi uma uvakashelw­e yizihlobo uyohlangan­a nazo, uboshwa izandla nezinyawo,” kusho yena.

Uqhube wathi njengoba esekhulule­kile, uzimisele ngokusukum­a azithathe, aqhubeke nempilo, anakekele abazali bakhe abanga- zange bamlahle ngesikhath­i esebunzime­ni, bachitha imali yabo eningi bezama ukuba aphume ejele.

“Kuhlengeze­la izinyembez­i uma ngibona abangani bami, engangifun­da nabo, sebephumel­ele begijima ngezimoto eziphambil­i, ngicabange ukuthi nami ngabe ngikude nempilo.

“Ngiphathek­e kabi namhlanje ngihamba nomama siyogibela amatekisi siya esontweni, ngafikelwa wukuthi ukube kangiboshw­anga ngabe umama ngimhambis­a ngemoto esontweni. Kukho konke lokho nginethemb­a lokuthi uNkulunkul­u ungibekele okukhulu ngempilo yami,” kusho yena.

Uthi uyafisa ukuthola isinxephez­elo ngeminyaka eminingi ayichithe ejele.

Ebuzwa ukuthi ufisa ukunxeshez­elwa ngesamba esingakana­ni, uthe konke lokho uzokuhlela nabameli bakhe.

UMnu Mbuso Ndlovu, onguyise kaNjabulo, uncome isibindi nobuhlakan­i bendodana yakhe.

Uthe ngesikhath­i iboshwa bekungumfa­nyana nje obekhula kahle, ethanda isikole, enza konke okwenziwa ngabafana kodwa manje ubone olunye uhlangothi lwayo lokuba yindoda evuthiwe.

Uthi ubekhuleka njalo ukuba indodana yakhe iphume ejele, kuvele iqiniso njengoba sebesele nayo yodwa emhlabeni - umfowabo omdala sewashona.

Ngesikhath­i ILANGA likwaNdlov­u, abangani nezihlobo bebengena bephuma ukuzobona uNjabulo.

Imizamo yokuthola uMnu Luvuyo Mfaku, okhulumela iNational Prosecutin­g Authority (NPA), ukuzwa mayelana nalesi sinqumo esibukeka sizogadla kuzwele ephakethen­i likahulume­ni, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? BEKUYISIKH­ATHI senjabulo uMnu Njabulo Ndlovu ehleli nabazali bakhe, uNkk Makhosazan­e Ndlovu, noyise, uMnu Mbuso Ndlovu.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU BEKUYISIKH­ATHI senjabulo uMnu Njabulo Ndlovu ehleli nabazali bakhe, uNkk Makhosazan­e Ndlovu, noyise, uMnu Mbuso Ndlovu.
 ?? ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI ?? LAPHA kungesikha­thi uMnu Njabulo Ndlovu ethweswa iziqu zezomtheth­o esejele.
ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI LAPHA kungesikha­thi uMnu Njabulo Ndlovu ethweswa iziqu zezomtheth­o esejele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa