Ilanga

Usole abadlali ngobugwala uSolinas

IChiefs izibeke ethubeni elihle lokudlulel­a kowamanqam­u

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGiovanni Solinas usole abadlali bakhe ngobugwala ezakhe zibambana ngo-2-2 neSuperSpo­rt United emlenzeni wokuqala wesemi final yeMTN8 izolo ngeSonto ntambama eLucas Moripe Stadium, eTshwane.

Amagoli eChiefs ashaywe ngoKhama Billiat ngomzuzu ka-19 noLeonardo Castro ngoka-46, kwathi aweSuperSp­ort wona ashaywa nguBradley Grobler ngoka24 nangoka-38.

La makilabhu azophinde atholane emlenzeni wesibili ngoMgqibel­o ngo-20h15 eFNB Stadium, eSoweto.

USolinas okubukeka zisamvuna izinto kulo mqhudelwan­o, usole abadlali bakhe ngobugwala.

“Ngesiwombe sokuqala abadlali bami abazange badlale kahle neze bebegcwele ubugwala ububona nje ukuthi isibindi abanaso.

"Ngesesibil­i babuyelwe wukuzethem­ba, saqala sadlala ibhola elihle.

"Ngijabule ngalo mphumela yize besingenza kangcono.

"Ngokwami uBillait noCastro bangabadla­li abahamba phambili kwiPremier­ship, akekho ofika kubona,” kusho uSolinas.

UKaitano Tembo ololonga iSuperSpor­t uthi akukapheli ngabo.

“Kulo mdlalo sisuke sanaka uBilliat kakhulu wamane wasizakala wasinika inkinga.

"Ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu, lokho ngeke ngikuphike, kugqamile kulo mdlalo.

"Kodwa-ke akukapheli ngathi, sizobuya singcono kakhulu emzuliswan­eni olandelayo,” kusho uTembo.

NgoMgqibel­o ntambama, iMamelodi Sundowns iguqiswe yiCape Town City ngo-1-0 emlenzeni wokuqala we-semi final yeMTN8 eCape Town Stadium.

Igoli leCity lize ngonyawo lukaTariq Fielies ngomzuzu ka-75.

Ngijabule ngalo mphumela yize besingenza kangcono...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKHAMA Billiat ezama ukudlula kuClayton Daniels weSuperSpo­rt United emdlalweni we-semi final yeMTN8 ophele ngo-2-2 izolo ngeSonto ntambama eLucas Moripe Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKHAMA Billiat ezama ukudlula kuClayton Daniels weSuperSpo­rt United emdlalweni we-semi final yeMTN8 ophele ngo-2-2 izolo ngeSonto ntambama eLucas Moripe Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa