Ilanga

Bahloniphe uShenge ngenkundla

ULundi Stadium sekuyiPrin­ce Mangosuthu Regional Stadium

- CEBO BUTHELEZI

UHLONISHWE ngokuba kuqanjwe inkundla enkulu yasoNdini ngegama lakhe uMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, okuqhubeka uchungechu­nge lwemigubho yokuhlanga­nisa kwakhe iminyaka ewu-90 egadula kulo mhlaba omagade ahlabayo.

Usuku lokuzalwa kweNkosi Buthelezi lunamuhla kanti kunomcimbi omkhulukaz­i wesizwe sakwaButhe­lezi lapho simeme khona abantu ukuba bayofinya ngendololw­ane. Mhla ka-31 kwephezulu kuzoba ne- gala dinner yokuvala le micimbi.

Ukuhloniph­a iNkosi Buthelezi ngamagalel­o ayo ewakhombis­e cishe emhlabeni wonke, uMasipala wasoLundi ushintshe igama lenkundla yendawo, Ulundi Stadium kwaba yiPrince Mangosuthu Regional Stadium.

Lokhu kumenyezel­we yimeya, uMnu Wilson Ntshangase ngoLwesihl­anu esigcawini sabezindab­a ebesisemah­hovisi kamasipala.

“Sibone kubaluleki­le ukuba sifeze isiphakami­so somkhandlu sango-2007 esathathwa ngokuvumel­ana ukuthi wenze lokhu. Ngo2007 kube nelungelo lokuthi umasipala wendawo nowesifund­a iZululand benze izinguquko ngezakhiwo ezingaphan­si kwalezi zindawo.

Le nkundla yiyona ezobe isetshenzi­swa emgubheni wesizwe sakwaButhe­lezi ozoba namhlanje.

UMntwana waKwaPhind­angene akakahloni­shwa yiNingizim­u Afrika njengabany­e abaholi bamaqembu ezombusazw­e kuleli, uma kuziwa kumntwana kuyashwamp­uzwa nje,” kusho uMeya uNtshangas­e.

Usomlomo, uNkz Joana Manana, ugxeke abezindaba ngokungabi­ki ngendlela ngamagalel­o eNkosi Buthelezi.

“Uma ubuka umabonakud­e, kuba yisikhasha­na esincane usedlulisi­we uMntwana. Emaphephen­i kubhalwa isiqeshana. Kungani kwenzeka le nto kwabezinda­ba?

“Sifisa ukubona uMntwana evezwa naye njengabany­e abaholi bezepoliti­ki abahlonish­wayo. Siyethemba ukuthi uzothatha umhlalapha­nsi iNkatha iphethe izwe eNingizimu Afrika. Sifisa abantu beyethembe ukuthi ingayishin­tsha impilo yabantu.

“Kuzomele sikhumbule ukuthi uMntwana ungowokuza­lwa oNdini futhi useduze nezinhlizi­yo zethu, yingakho njengomkha­ndlu kumele simkhumbul­e,” kusho uNkz Manana.

IMenenja kaMasipala, uMnu Nkosenye Zulu, ituse amagalelo eNkosi Buthelezi, yathi kuningi okuhle ekubonile okwenziwe yilo mholi, kodwa abantu abaningi bafuna ukukushaba­lalisa, bakufake ngaphansi kwamataful­a.

“Ngeke sikubaleke­le ukuthi uMntwana ubengeliny­e lamaqha- we asebenzele leli lizwe. EThekwini bebelokhu besikaza ukuqeda ngegama lomgwaqo, uMangosuth­u Highway, okumanje kangazi sewabizwa ngani.

“Ngesikhath­i sikahulume­ni woMntwana (KwaZulu-Natal) kwasungulw­a ibhange iThala ngenhloso yokuthuthu­kisa abantu abamnyama, kwakhiwa izimboni zokudala amathuba emisebenzi emadolobhe­ni wonke kulesi sifundazwe, kwakhiwa izikole eziwu-6 000 neMangosut­hu University of Technology kanti lo hulumeni wentando yeningi usakhe eziwu-36.

“Kuningi esingakuba­la okwenziwe nguMntwana esingambon­ga ngakho. Kulo masipala sisebenza ngobuqotho, sisebenzis­a inkece yabakhokhi bentela ngendlela eyiyo ngoba sikufundis­we nguMntwana ukusebenza ngendlela kusizakale abantu,” kusho uMnu Zulu.

Namuhla kulindelek­e ukuba izinkumbi zabantu abaqhamuka ezinhlaken­i ezehlukene; okungabeze­politiki, ezenkolo, ubukhosi, isizwe sayo inkosi bagcwale ePrince Mangosuthu Regional Stadium.

 ?? ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI ?? IMEYA yasoNdini, uMnu Wilson Ntshangase, ngaphambi kwamasango ePrince Mangosuthu Regional Stadium.
ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI IMEYA yasoNdini, uMnu Wilson Ntshangase, ngaphambi kwamasango ePrince Mangosuthu Regional Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa