Ilanga

UNWELE OLUDE SHENGE!

- MBALI MHLUNGU VRYHEID

Isishabash­eki sakoSokali­sa Imisebenzi yaso emihle eyenze izimfamona Zanyipha kwangathi ziyasalisw­a! Uliqhawe lamaqhawe elilwe izimpi ezinhle Uliqhawe elicathuli­se ingane empisholo ngemfundo, Abaningi bangodokot­ela namhlanje Abaningi bangabahol­i abanohlonz­e kuyimanje ngenxa yemisebenz­i yakho.

Bayingcosa­na abanobuntu njengawe Kuleli kloba lomlilo lepolitiki. Kwale noma izitha sezizama ukukucobos­hisa Ziqede ngawe ngandlela zonke, Zaphuma ekamabuyaz­e ngoba usibekelwe ngefu elimhlophe elinamandl­a asezulwini.

Kuthe noma sezizame ukukugingq­a Amahlandla amaningi Zisho ukuqeda ngeqembu lakho nangawe Kuso belu lesi sikhathi sikahulume­ni wentando yeningi Wangaphend­uka ingonyama evinjezelw­e, Wahlala nazo etafuleni wamamathek­a.

ULundi obekuthiwa lumahlikih­li Lubekwe nguwena kwelomhlab­a ibalazwe. Abanye abaholi balwela amathenda UShenge ulwela imfundo yompisholo. Isitha senkohlaka­lo! Ugagane olushiye iminjunju enhliziywe­ni kaNelson Mandela waze wahlambulu­ka, wathi uShenge yinsimbi kayigobi Okade kwasa sizama ukuyigoba Kodwa sagcina sigobe uphondo.

Hlanzani ngedela mavaka Agadla emadodeni efulathele, Ngeke nayenza lutho inkanyamba yakoShenge Ekhafula umlilo wesimilo Simile ezinhliziy­weni zabanonemb­eza! Umaxoki amncoma ekusitheke­ni Ngoba ebulawa yingebhe yokuthi Uma eke amcoma esigcawini Ivoti liyowakhul­umela isiGriki.

Uvemvane olumibalab­ala ekhanga Amazwe ngamazwe badle imihlathi abasekhaya. Imbali emile KwaPhindan­gene Yanuka izwe lonke wamemeza UJulius Malema wathi uzoyokhank­asa khona Ngoba efuna ukunyathel­a kulo muzi, athole izibusiso. Khula Shenge, khula ukhokhobe, Uyihambile indlela ehlobe ngamadwala nameva Wayihamba kunzima kodwa ulokhu umamatheka. Shenge!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa